SESENYUKELE kwabayisikhombisa isibalo sabadlule emhlabeni belekelela ukucima umlilo wamadlelo, okwenzeke eMpophomeni kuMasipala Umngeni, emasontweni amabili adlule.
UMnuz Vusi Dlamini ongomunye wabebelimele kanzima ngesikhathi bezama ukubhula umlilo, kuthiwa udlule emhlabenii ngoLwesihlanu emva kokuthi esehlale isikhathi esingangesonto egunjini labalimele kakhulu, eshe kanzima.
Ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe izindaba zokudlula emhlabeni kukaDlamini zifinyelele kubona besemngcwabeni kazakwabo naye oshone kule ngozi.
“Ubewuntu olungile, ezithulela futhi ethanda umndeni wakhe. Ubesesebenzele inkampani kasonkontileka iFarmusa iminyaka eminingi ngokumazi kwami, kanti ngendlela ayelimele ngayo ngokuzwa kwethu, bekukubi kakhulu,” usho kanje.
Ukudlula emhlabeni kukaDlamini kwenze safinyelela kwabawu-15 isibalo sabafe ezigamekweni zomlilo obonakale kulesi sifundazwe emasontweni adlule, kubalwa noNksz Nomthandazo Dawodi (30) obezithwele, oshone kungqongqa inqwaba yemijondolo eKenville, eThekwini emasontweni amabili adlule.
Kuthiwa abayisithupha abashone becima umlilo abasebenzela usonkontileka elekelela inkampani i-Sappi ngomsebenzi wamahlathi, iFarmusa Agric and Forestry, okungoNksz Ntombikhona Nxele, Nonsikelelo Zuma, Khethiwe Ngcobo, Ntombifuthi Ngcobo, Mabongi Shishane noMnuz Vusi Radula bafihlwe ngempelasonto, kanti uDlamini angase afihlwe kuleli sonto.
Imizamo yokuthola abomndeni wakhe ayiphumelelanga njengoba izingcingo ezedluliselwe entathelini bezivaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
I-Farmusa kuthiwa idlulisele emindenini yabalahlekelwe usizo ngokubambisana nenkampani yakwa-Sappi, umasipala neminyango kahulumeni.
Ngesikhathi evakashele kule ndawo ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe kusanemininingwane esalinde ukuhlanganiswa nombiko mayelana nezigameko zomlilo wequbula ohlasele izingxenye zesifundazwe, okuzoba wumkhombandlela ekutheni umengameli uyasimemezela yini njengenhlekelele lesi simo esehlele umphakathi ezindaweni ezithintekile. Kuthiwa ulinganiselwa ku-R90 million umonakalo odalwe yilesi simo.