LILOLIWE izembe kumalungu e-EFF ePhalamende, aweziShayamthetho namakhansela aqhamuka ezindaweni lapho iqembu lathola khona amavoti angaphansi kuka-100.
I-EFF isibhalele amalungu ayo aqhamuka ezindaweni lapho iqembu lahluleka ukuthola amavoti angu-100, iwayalela ukuba achaze ukuthi kungani kufanele angadilizwa ezikhundleni.
I-EFF ayenzanga kahle okhethweni olwedlule.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe unobhala jikelele weqembu, uMnuz Marshall Dlamini, lapho eyalela khona abathintekayo ukuba benze izethulo zokuthi kungani kungafanele baxoshwe.
Incwadi kaDlamini iveza ukuthi isinqumo sokuthi kubhalelwe abachaphazelekayo sathathwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu owawuseThekwini, ngenyanga eyedlule.
“Emhlanganweni kwanqunywa ukuthi bonke abajutshwe ezikhundleni kuhulumeni naseqenjini abaqhamuka ezindaweni lapho iqembu lathola khona amavoti angaphansi kuka-100 kufanele benze izethulo zokuthi kungani kufanele bangakhishwa ezikhundleni. Uma ungumuntu oqhamuka endaweni lapho iqembu lathola khona amavoti angaphansi kuka-100, uyalelwa ukuba wenze izethulo zokuthi kungani kufanele ungakhishwa esikhundleni.”
Isolezwe likhulume namalungu e-EFF amabili aqinisekise ukukhishwa kwezincwadi.
Lama lungu athe baningi kakhulu abaholi abazothinteka KwaZulu-Natal.
“Iqiniso ukuthi i-EFF yashaya udaka KwaZulu-Natal. Ngo-2019 sathola amavoti angaphezu kuka-360 000. Uyichaza kanjani lena yokuthi kulo nyaka sithole ngaphansi kuka-100 000. Kukhona abantu okufanele bathathelwe izinyathelo.”
Umthombo uthe okumangazayo ukuthi i-EFF inobuholi bamagatsha cishe kuzo zonke izingxenye zeKwaZulu-Natal kodwa kukhona izindawo lapho ihluleka khona ukuthola amavoti angu-100.
“Igatsha le-EFF lakhiwa amalungu angu-100. Amanye amagatsha kuthiwa anamalungu angu-600. Kwenzeka kanjani ukuthi lama gatsha ahlulwe ukuthola amavoti angu-100?”
Elinye ilungu le-EFF lixwayise ngokuthi ukuxoshwa kwamanye amalungu kungenza ukuthi iqembu lilahlekelwe kakhulu.
Ngaphambi kokhetho lwangoMeyi, i-EFF yaxosha inqwaba yabaholi abahluleka ukuhlelela abantu bangakubo amabhasi ayezobahambisa emcimbini wokugubha iminyaka engu-10 kwasungulwa inhlangano..
“Inkinga ebuye ibe khona ukuthi kuyaye kukhethwe iphela emasini uma kuthathelwa abantu izinyathelo eqenjini. Kunabantu abangathintwa yize noma behluleka ukwenza umsebenzi.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, ayizange iphumelele.