SEKUVELE abanye abantu abakhala ngokuqolwa wuThobani Makhaza emva kokuvela kwezindaba zamaciko nezinyanga bekhala ngokuthi ubaqole ngomcimbi, iYakhuphuka Ingqwele Coronation.
Omunye wabalingisi abasafufusa, uSikholiwe Hlophe, waseMarianhhill, uthi babone kungcono ukuthi nabo baphumele obala ngoMakhaza. Bathi ubaqole ebathembisa ukuthi uzofeza amaphupho abo ekulingiseni, washaya wachitha nemali abamkhokhela yona.
“Singu-33 sesisonke esaqolwa wuMakhaza ngo-2020. Wasikhokhisa uR3 800 umuntu ngamunye esithembisa ukuthi sizoba ngabalingisi kwifilimu Intandoyabantu, eyaqoshwa eHluhluwe ngo-2020. Waze wasiqashela naseBush Babe Lodge, eHluhluwe, nakhona wahamba engayikhokhile imali yokuhlala kwethu khona.
“Indaba iqale uma sesibona kuqhubeka isikhathi engasasho lutho ngefilimu. Sithe uma simbuza wasitshela ukuthi kube nezingqinamba ezibekhona ayengafuni ukuzichaza. Kunalokho, sibone eseqoqe abanye abalingisi ebathembisa ukushutha ifilimu efanayo nale esayishutha,” kusho uSikholiwe.
Uthe nasemahhovisi akhe aseThekwini, bebengasamtholi uMakhaza njengoba bebefika batshelwe ukuthi usawavala. Imali abakhala ngayo ingaphezu kukaR100 000 njengoba umuntu emunye ubekhokha uR3 800.
Umnikazi weBush Baby Lodge, uNkk Thandi Ntshangase-Kielen, waze wamvulela icala uMakhaza ngoR27 000 wakhe ongakhokhwanga.
“Amaphoyisa abethi uma emfuna afike athola ingoduso yakhe eThekwini, kwaboshwa yona. Ugcine ephoqelekile ukuthi eze ukuzobheka ingoduso yakhe wafike wazibophezela ngokuthi uzoyikhokha amancozuncozu imali yami kodwa wagcina ebalekile engayiqedanga,” kusho uNkk Ntshangase-Kielen.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe lavulwa icala eHluhluwe kodwa bayalelwa ukuthi abaxoxe, uNkk Ntshangase-Kielen noMakhaza, ngoba udaba lwabo luyiCivil Matter.
“Kuthiwa bavumelana ngokuthi bazoxoxa. Sekungaba yibona abashoyo ukuthi kwagcina kwenzekeni,” kusho uLt Colonel Gwala.
UNkk Ntshangase-Kielen uyithumele incwadi bevumelana noMakhaza ngokuthi uzoyikhokha kancane kancane imali. Uthe wagcina ekhiphe uR1 500 kabili, emva kwalokho wanyamalala.
Uthe wayelethe inqwaba yabantu bezolala endaweni yakhe bavumelana ngoR40 000 izinsuku ezine. Uveze ukuthi uMakhaza wakhipha uR10 000, kuthe sekumele aqedele, wabika imbiba nebuzi maqede wabaleka nabantu ayefike nabo eLodge.
Imizamo yokuthola uMakhaza ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.