UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Sipho ‘KK’ Nkosi uthe sekusemaphethelweni ukwakhiwa kwesikole iJG Zuma KwaMashu kwa M esesidle uR71 million.
UNkosi ukusho lokhu ngesikhathi eyohlola inqubekela phambili yokwakhiwa kwaso izolo.
Uthe isizathu sokuthuthwa kwesikole kwaBester yingenxa yobugebengu nesiminyaminya. UNkosi uthe ngeke uphele lo nyaka isikole singaqediwe ukwakhiwa.
"Isikole iJG Zuma ekwaBester izosuka khona ngesizathu sokwanda kakhulu kobugebengu, kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi sesisemaphethelweni okwakhiwa," kusho uNkosi.
UNkosi owaba nguthishanhloko walesi sikole kusuka ngo 2003 kuya ku 2009 ubonge umphakathi wakwaMashu ngokungaphazamisi ukwakhiwa kwesikole waphinde wawunxusa ukuthi uqhubeke nokusivikela.
"Sithanda ukubonga kakhulu emphakathini wakithi KwaMashu ngokubambisana nathi ekwakhiweni kwalesi sikole. Kusihlabe umxhwele ukwakhiwa kwaso ngoba kulandelwe yonke imigomo kahulumeni ukuthi sibe nabantu besifazane abaningi abaqashiwe ukusebenza," kuchaza UNkosi.
Uthishanhloko wesikole uMnuz Thembokuhle Mthembu, uthe kuyabajabulisa ukubona ukwakhiwa kwesikole kuhamba kahle.
“Into engithokozisa kakhulu ukuthi unyaka ozayo kungenzeka siwuqale lana, simpintshene kakhulu laphaya [esikoleni esikwaBester] nokwenza kube nzima ukufundisa nokufunda. Besesingakwazi nokuthatha ezingane ezintsha ngenxa yokungabibikho kwamagumbi okufundela futhi ngicabanga ukuthi ukwakhiwa kwalesi sikole kuzowusiza kakhulu umphakathi waKwaMashu,” kusho uMthembu.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz Wonderboy Caluza uncome umsebenzi owenziwe nguMnyango wezeMfundo noMnyango wokuHlaliswa kwaBantu.
“Bese kunzima nokufunda ezinganeni zethu, yize izingane beziphasa kahle kodwa bekudingeka ukuthi sishintshwe endaweni ebesikuyona ngenxa yobugebengu nokuminyana, sithanda ukushayela ihlombe zonke izinhlaka eziyingxenye yale nto,” kubeka uCaluza.