ISISHIPHELENE ebuholini obusha beNFP obakhethwa engqungqutheleni eyayingenyanga eyedlule.
Umengameli weqembu, uMnuz Ivan Barnes, ubhekene ngeziqu zamehlo nonobhala jikelele, uMnuz Teddy Thwala, njengoba besabisana ngokufakana ezinkantolo.
UThwala usabisa ngokufaka isicelo sokuthi kuhlakazwe ubuholi ayingxenye yabo.
Okuqhathe laba holi yisikhalo esifakwe yilungu leqembu eliphonsela inselelo imiphumela yengqungquthela okwakhethwa kuyo la baholi.
Ilungu leqembu elifake isikhalo likhala ngokuthi kwaba nomkhonyovu kule ngqungquthela eyayiseThekwini.
Emva kwesikhalo, uThwala nekomiti lezokhetho kwiNFP banquma ukuthi kumiswe abaholi abakhethwa engqungqutheleni kuze kube kuphothulwa uphenyo.
UThwala nekomiti lezokhetho banqume ukuthi ithimba lesikhashana ebelikade lihola iNFP ngaphambi kwengqungquthela kube yilo elenza imisebenzi yeqembu ngale sikhathi kusamiswe ubuholi.
UBarnes uzwakalise ukungahambisani nokumiswa kwabo, kanti ngakolunye uhlangothi uThwala yena uyahambisana nokumiswa kwabo.
Encwadini yabameli ebonwe yiSolezwe, uBarnes uthe akukho emthethweni ukumiswa kwabo.
“Ikomiti lezokhetho kwiNFP alinawo amandla okuchitha imiphumela yengqungquthela yokukhetha ubuholi. Inkantolo kuphela engakwazi ukuchitha imiphumela yengqungquthela.”
UBarnes uthe yena uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokuhola iqembu.
“Ihhovisi likanobhala jikelele yilona okufanele libhekane nesikhalo esifakiwe. Isinqumo esingekho emthethweni esithathwe yikomiti lezokhetho kanye nehhovisi likanobhala jikelele asisho lutho kithina. Ukubuyiswa kwethimba lesikhashana ebelihola iNFP akukho emthethweni.”
Ngakolunye uhlangothi, uThwala uthe uBarnes akanawo amandla okuphikisana nesinqumo sekomiti lezokhetho.
“Zonke izinto ezithinta ukhetho kwiNFP zisingethwe ikomiti lezokhetho kanye nehhovisi likanobhala jikelele. Njengoba sikhuluma nje abaholi abakhethwa engqungqutheleni bamisiwe kuze kuba kuphothulwa uphenyo.”
UThwala uthe uzophoqeleka ukuba afake uBarnes enkantolo uma eqhubeka nokuphikisana nesinqumo sokumiswa kobuholi.
“Kuzongiphoqa ukuba ngiyofuna isivimbelo esizokunqanda ukuba uqhubeke nokuhamba uzibiza ngomengameli weqembu. Kungenzeka futhi ngicele inkantolo ukuba ichithe imiphumela yengqungquthela yangenyanga eyedlule.”
INFP ivele iye kule ngqungquthela ibhekene nezinkinga zobuholi.
Uhlangothi olwakhethwa ukuba luhole iNFP engqungqutheleni eyayingo-2019, lwayiduba ingqungquthela yangonyaka owedlule.
Imiphumela yengqungquthela okwakhethwa kuyo lo buholi okwakukhona kubo nomsunguli weNFP, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, yahlakazwa yisinqumo senkantolo, kepha icala selidluliselwe phambili.
INFP isengcupheni yokungakwazi ukungenela ukhetho lwakulo nyaka uma yehluleka ukuxazulula umbango wobuholi.