SEKUFE abantu abawu-589 ezingozini zomgwaqo selokhu kuqale isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Izolo uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, usho lokhu ngesikhathi ekhipha izibalo zamaphakathi namaholidi kaKhisimusi.
UMbalula uthe sehlile isibalo sabafe ezingozini kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
IKwaZulu-Natal izihola phambili izifundazwe ngo-135 wabafile, Gauteng (95), Eastern Cape (81), Limpopo (73), Free State (56) Western Cape (54) Mpumalanga (40), North West (36) kuvale iNorthern Cape
ngo-16.
Uthe babophe abantu
abawu-2 915 kwizivimbamgwaqo
eziwu-539 emuva kokumisa baseshe izimoto eziwu-629 661.