UZOSHESHE ufike uKhisimusi kwizakhamizi zasoThongathi, eThekwini, emuva kokuphothulwa komsebenzi wokwakhiwa kwesiphehli samanzi esacekeleka phansi ngesikhathi sezikhukhula ngo-Ephreli.
NgoLwesithathu, iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe umsebenzi wokulungisa umonakalo uphothulwe ngaphambi kwesikhathi ebesikade sibekiwe. UKaunda uthe manje sekuqalwa umsebenzi wokugcwalisa amanzi emadamini.
Esithangamini nabezindaba uKaunda uthe kuzoqale kugcwaliswe amanzi edamini laseHambanathi.Uthe kuzobe sekulandela ukugcwaliswa kwamadamu iMona, Metcalf, Belvedere, Tongaat South neMamba Ridge.
UKaunda ukhuthaze abantu ukuthi baqale bawabilise amanzi azobe ephuma kompompi emizini yabo.“Kumele bakwenze lokhu isikhathi esiyizinsukwana.
“Lena yindlela yokuqinisekisa ukuthi aphephile amanzi abazobe bewathola, kwazise amapayipi abekade ehambisa la manzi abengasebenzi isikhathi eside,” kusho uKaunda.
Uthe bazosebenzisa isikhathi sokugcwaliswa kwamadamu esiqale izolo, kuze kube wuNovemba 1, bahlole namanzi abazowaphakela imiphakathi ukuthi ahlangabezana nayo yonke imigomo ebekiwe yezokuphepha.
Bese kuphele izinyanga eziyisithupha singasebenzi isiphehli-manzi, uThongathi Water Treatment Plant.
Lokhu kwadala isomiso emiphakathini eyakhele uThongathi, kwaphoqa ukuthi abantu bagcine bengenele uchungechunge lwemibhikisho enodlame, befuna ngodli amanzi.
Abantu okwakungathi bathelwe ngezibonkolo, babevala izintuba ezingenayo neziphuma oThongathi.
Kwaphoqeleka ukuthi abaholi bezinhlaka ezintathu zikahulumeni bagqigqe kule ndawo beyobhula umlilo, abantu bengagayelwa mphako.
Kwagcina kwandiswe isibalo samathangi aphakela umphakathi amanzi futhi abantu bathenjiswa ukuthi luzosheshiswa uhlelo lokubuyiselwa kwamanzi kompompi.
UKaunda uhlabe ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ebhekele indle nemfucuza.
“Njengamanje zingu33 iziteshi ezibhekele lo msebenzi ezicekelwe phansi. Lokhu kuholele ekutheni kugcine inyubathi ichithekele emifuleni nasemabhishi,” kusho uKaunda.
Uthe usuqalile umsebenzi wokulungiswa kwale ngqalasizinda ukuze kunqandwe ukuthi inyubathi ikapakele emifuleni nasolwandle.