INTOKAZI nensizwa abasebancane abamele isizwe samaZulu emncintiswaneni oqhakambisa amasiko nesintu, Indoni Mr & Miss Cultural SA, bathi sebekubheke ngabomvu ukuncintisana nezinye izinhlanga emcimbini ose-ICC, eThekwini, namhlanje kusihlwa.
USbongakonke Mnyandu, waseMbali eMgungundlovu, noSmangele Mngoma, wasoDidini eMbumbulu, yibo abazomela isizwe sikaMdlokombane, lapho bezobe bebhekene khona nezinsizwa nezintokazi zezinye izinhlanga zakuleli.
USbongakonke (17) obenza u-matric eSiqongweni Secondary, uthe nakuba uhambo lwakhe kulo mncintiswano osubuya ihlandla leshumi nonyaka, lungabanga lula, kepha akanalo uvalo lokuthi kungaba khona okungahambi kahle emncintiswaneni.
“Kuke kwaba nzima kancane kusenziwa amalungiselo okusicijela umncintiswano, ikakhulu ngoba mina bengenza u-matric, ngingenaso kahle isikhathi kodwa nginethemba elikhulu lokuthi sizilungisele ngokwanele ukwenza into yamehlo kusasa.
“Ukulandela umkhondo esazibekela wona siqala lolu hambo, sizimisele ukwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi amasiko ethu nobuthina kuba seqhulwini noma usudlulile umncintiswano,” kuchaza uSbongakonke ngokuzethemba.
USmangele (19) owenza unyaka wesibili ezifundweni zobuthishela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni i-Edgewood, uthe bazizwa bafikelwa wukuzithoba kakhulu ngokuthi yibo abamele isizwe samaZulu, ikakhulu ngoba bazigqaja ngokuba yiwona.
“Sijabule kakhulu ngokuhamba size sifike kulesi sigaba, yize zibe khona izingqinamba ezenze ukukhankasa kwethu kwaba nzinyana, kodwa asinalo uvalo ngokuthi kuzokwenzekani emncintiswaneni ngoLwesihlanu.
“Ukunqoba umncintiswano kuyobethela isipikili sokugcina enjabulweni esivele sinayo manje, ngokuba yingxenye yabancintisana kuwona, futhi sizimisele ngokusebenzisa ulwazi esizoluthola lapha ukukhuthaza umphakathi nawo wonke umuntu ukuzigqaja ngobuyena, kungakhathalekile ukuthi ungowaluphi uhlanga,” kuchaza uSmangele.
Nyakenye lo mncintiswano unqotshwe wuZibuyile Zibane waseKlaarwater no-Afika Ziqubu waseMnambithi, bobabili ababemele amaZulu.
Abazodla umhlanganiso kowalo nyaka, bazohlabana ngomfundaze kaR100 000 umuntu ngamunye, wokubasiza ukufunda ezingeni lemfundo ephakeme, nomthobanhliziyo wemali yokwenza ama-course amafishane kwabanganqobanga.