USUKHALELA ukuthi ukhombe lapho ulahle khona ithambo lothandiweyo wawo umndeni wowesilisa oduke ehlaselwa nabangani eNtshawini, KwaDukuza.
UMnuz Msizi ‘Manyosi’ Mchunu (24) kuthiwa wagcina ukubonwa abangani bakhe ngoSepthemba 25, bejahwa abesilisa okwakukade kuxatshanwe nabo endaweni yokucima ukoma endaweni.
Uyise, uMnuz Bongani Mthembu, uthe umngani kaMchunu okumanje uphuma engena esibhedlela ngoba naye wadubuleka, wabatshela ukuthi noMchunu wadutshulwa ebaleka ngezinyawo.
“Imoto eyayithwele iqulu okuthiwa lalibahlasela kuthiwa yayimjaha, yena ebaleka ngezinyawo, oyedwa owayephakathi emotweni ehambe edubula,” kusho uMthembu.
Uthe kuthiwa wasithela ngekhona uMchunu, nemoto yabahlaseli nayo yasithela ngalo.
“Ilapho agcina ukubonwa khona,” kusho yena.
Uveza ukuthi sekucingwe yonke indawo kule ndawo kodwa lutho ukutholakala uMchunu. Uqhube wathi sebecinga nasesibhedlela, emakhazeni kanjalo nasezindaweni ezehlukene uma bezwa kuthiwa kutholwe isidumbu somuntu obulewe ongaziwa.
“Njalo siphuma inqina kamabuyaze, sesize sinomcabango wokuthi bambulala bayomfihla ndawana thize noma bamgqiba. Sicela okungenani basho ukuthi bambekephi, siyomlanda simngcwabe,” kusho uMthembu othe ngenxa yokuqhubeka kwesikhathi, sebelilahlile ithemba lokuthi uzotholakala esaphila.
Elandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko uthe bathole ukuthi uMchunu nabangani bakhe bahilizisana nabanye besilisa endaweni yokucima ukoma endaweni, kulandela ukugwazwa komunye wabangani bakhe.
Uthe emva kwesiwombe sokugwazwa koyedwa, bazama ukuthola usizo lwemoto ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela.
“Besasendleleni, bahlangana nalo iqulu obekukhona kulo nalaba obekuhiliziswana nabo endaweni yokucima ukoma. Bamisa imoto bebuza ukuthi kungani begwaze umngani wabo, yilapho abaphendulwa khona ngenhlamvu,” kusho uMthembu.
Udalula ukuthi umngani kaMchunu owayeshayela imoto, wadubuleka lapho kodwa wakwazi ukuqhubeka abaleka ngayo imoto.
“Umuntu okuthiwa wasala phansi uye uMsizi ngoba kwenzeka lokhu emi ngaphandle kwemoto, ilapho okuthiwa wabaleka khona ngezinyawo, bamjaha ngemoto njengoba kungasacaci ukuthi waphelelaphi,” kusho uMthembu.
Ukhale ngokudedelwa ngebheyili koboshelwe icala lokuzama ukubulala umngani kaMchunu, ethi bekufanele inkantolo ingamdedeli aze akhulume lonke iqiniso ukuthi kwenzekani ngoMchunu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokuzama ukubulala kulandela ukulinyazwa ngokudutshulwa kowesilisa (35) ngoSepthemba 25.
“UMchunu unyamalale emva kwesigameko kanti uyacingwa amaphoyisa. Kukhona umsolwa (29) oboshiwe wabekwa icala. Uvelile eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoSepthemba 28, 2023,” kusho uLt Col Gwala
.