UKHOMISHANA wezokuHlunyeleliswa kweZimilo uMnuz Makgothi Thobakgale, uthe kuhamba kahle ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric emajele akuleli.
UThobakgale uthe sandile isibalo seziboshwa ezibhala lezi zivivinyo uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Uthe bahlele ukwenyusa nezinga lokuphasa lifinyelele ku-100%.
“Sihlose ukuthi sithole u-100% ezikhungweni zethu. Izivivinyo zihamba kahle kakhulu.”
Uthe inselelo ababhekene nayo ngukuthi kumele babhalansise imfundo eziboshweni ezibhalayo kanjalo nezinhlelo zokuhlunyeleliswa kwezimilo.
Ubalule nokuthi abanye abasuke beyeke isikole baqhubeka nezifundo zabo emajele.
“Njengoba kunentsha elaxaza isikole, ithi uma isingaphakathi iqhube izifundo zayo. Ngaleyo ndlela siyakwazi ukusiza empini yokuthi kwehliswe izibalo zentsha engaphothuli u-matric.”
Usho lokhu nje, nyakenye zingu-191 iziboshwa ezibhale u-matric ezikhungweni ezehlukene, ekubeni kulo nyaka zingu-235 ezibhalisele ukubhala leli banga.
Nyakenye iziboshwa zithole u-89.83% ku-matric.
Isikhungo Usethubeni Youth esisejele iWestville, siyaqhubeka nokwenza kahle minyaka yonke njengoba nyakenye sithole u-100%.
Izolo bekubhalwa iphepha lokuqala le-Economics kwamatric.
Namhlanje kubhalwa iphepha lokuqala lesiBhunu, kusasa kubhalwe elokuqala leHistory.
Silobe izolo zingekho izehlakalo ezimbi noma ukuphazamiseka okube khona ngesikhathi kubhalwa lezi zivivinyo.
Kwenzeka lokhu nje, umnyango unxuse abafundi ababhalayo ukuthi bangagxili embuzweni owodwa uma bephendula imibuzo ukuze bangashaywa wukuphela kwesikhathi sokuphendula imibuzo.
Abafundi belulekwe ngokuthi bahlele isikhathi sabo ngendlela ukuze bangaziboni sebephendula imibuzo embalwa ekubeni iphepha lisuke lilide.
Balulekwe nangokuthi emakhaya bahlele nendlela abafunda ngayo besebenzisa i-timetable.