ONGOTI bezempilo bathi elakuleli kalikho sengcupheni kangako yokuthi igciwane iMarburg elihlasele eTanzania naseEquatorial Guinea, libhebhethekele kuleli ngokushesha.
Labo ngoti bathi abaseNingizimu Afrika abahaqwe yiMarburg kabekho sengcupheni yokuthi bashone yize ingekho imithi eqondile yokuyilapha noma imigomo yayo. Baveza ukuthi ayisabalali ngokushesha njengeCovid-19 okwenza ukuthi bathi noma seyihlasele emazweni aseduze kungabikhona ukwethuka.
USolwazi Lucille Blumeberg weRight to Care nephini likamqondisi wesikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), owungoti wezifo ezidalwa amagciwane ezithathelanayo, uthe akulula ukuthi abantu abasuka ezweni elinalesi sifo basithwale baye naso kwelinye izwe njengezifo ezithathelana kalula.
“Abantu abasengcupheni yokuthi batheleleke yilabo abanakekela abanaso okungaba abahlengikazi nemindeni yalabo abagulayo ngoba sona sithelelana ngokuthintana koketshezi okungaba amafinyila, amathe, izinyembezi, igazi njalonjalo. Sithathelana uma nisondelene kodwa uma kungekho ukuthintana koketshezi ngeke atheleleke oseduze konaso,” kusho uSolwazi Blumeberg.
Uqhube wathi lesi sifo siyingozi kakhulu uma sike sakungena, sicishe sifane ne-Ibola, sona sidala ukopha, okungaba ukukhishwa isisu segazi nokuphalaza igazi.
Uthe indlela yokusinqanda ukuthi asebehaqekike bagonqe, bangahlangani nabanye abantu, bese bethola ukwelashwa yize ungekho umuthi oqondile wokuselapha.
“Njengoba ngithi mancane amathuba angisho ukuthi ngeke sifike kuleli lesi sifo, kumele sihlale siqaphile njengezwe,” kusho yena
Uthe uyakholwa ukuthi uma kungenzeka lesi sifo sihlasele kuleli singanqobeka ngoba akhona amawodi okuhlalisa iziguli ngokuhlukana enziwa ngesikhathi kuhlasele iCovid-19.
“Okunye abantu okumele bakuqaphele uma bevakashele emazweni ase-Afrika, ukuthi isifo iMalaria sisekhona ngakho kubalulekile ukuthi abazoya kuwo basigomele,” kusho usho kanje.