SEKUXWAYISWE abantu baKwaZulu-Natal ukuthi baqaphele njengoba sekutholakale owokuqala kulesi sifundazwe onesifo sohudo iCholera.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla, uthe phansi amaphaphu wahlaba nekhwelo ukuthi abantu mabahlale beqaphile njengoba lo wesilisa oneminyaka engu-24, engowokuqala ukutholakala ukuthi unalesi sifo esifundazweni.
Uthe lo wesilisa ubevakashele eKarachi, ePakistan.
UPhaahla uthe lo wesilisa ubuye kuleli ngoJulayi 16, ePakistan okuyizwe elaziwayo ngokubhebhetheka kwalesi sifo.
“Ubuye ephalaza, ehuda, enamajaqamba esiswini emva kwesidlo ngoJulayi 14. Ubikile ukuthi uke wahuda kodwa wangaluthola usizo esakuleliya lizwe.
“Ubehlale ephuza amanzi ngoba ubengazitsheli ukuthi unalesi sifo.”
Uthe emva kokwehla esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, ube eseyofuna usizo lwezempilo, walaliswa esibhedlela esizimele eThekwini ngoJulayi 18.
“Kuthathwe amasampula athunyelwe kwiNational Institute for Communicable Diseases (NICD), ukuze ayohlolwa. Imiphumela ibuye ngoMsombuluko iveza ukuthi une-cholera.
“Ululamela ekhaya kanti ithimba elibhekele ukubhebhetheka kwezifo liqalile lithungatha amalungu omndeni amane kanjalo nomngani oyedwa walo mlisa abehlala nawo ngesikhathi esePakistan.”
Uthe laba kabanazo izimpawu zokuthi banalesi sifo kanti leli thimba lisabaqaphile.
“Kuthathwe namanzi emzini walo wesilisa ukuze ayohlolwa. Bathathu abantu kuleli abatholakale ukuthi banalesi sifo bephuma kwamanye amazwe, ababili babo babephuma eMalawi.”
Uthe bangu-199 abantu abatholakale ukuthi banalesi sifo kusuka ngoFebhuwari kulo nyaka.
“Owokugcina ukutholakala ukuthi unaleli gciwane utholwe ngoJuni 19, eHammanskraal esifundeni iTshwane. Noma lesi sifo singakabhebhetheki kuleli, sinxusa abantu ukuthi bahlale beqaphile, baqikelele ukuthi zihlanzekile izinto abazisebenzisayo.”
Uthe akugezwe izandla, ikakhulu uma kade uphuma endlini encane ukuze lesi sifo singabhebhetheki.
Ngenyanga edlule ngesikhathi kuhleli isiShayamthetho sesiFundazwe i-IFP, yabuza uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane, ukuthi ngabe umnyango ukulungele yini ukubhekana nalesi sifo uma kwenzeka sibheduka.
UNkk Ncamisile Nkwanyana wathi lesi sifundazwe sake sabhekana nokubheduka kwalesi sifo eminyakeni u-2000/2001, kwashona inqwaba yabantu.
I-NICD muva-nje inxuse lesi sifundazwe ukuthi sihlale siqaphile ukuthi lesi sifo asibheduki.