UKHUZA umkhuba wokuklwebhana phakathi kwezinhlangothi zebandla lamaNazaretha umsakazi woKhozi FM, ogxekwe ngeledlule ngamakholwa aseBuhleni, ngemuva kokufaka ividiyo yakhe abebonakala kuyo ehamba nawaseKuphakameni abephuma entabeni iNhlangakazi.
UZimiphi "Zimdollar" Biyela ube nomhlangano nomkhulumeli wohlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe ngoLwesine ntambama, bedingida ngokuklwebhana kwakamuva okube khona.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto uZimdollar, uthe kumele kuphele manje ukuklwebhana phakathi kohlangothi lwaseBuhleni nolwasekuPhakameni.
"Le ndaba kumele ilungiswe. Okubuhlungu kakhulu wukuthi sekunesikhathi eside yenzeka le nto (ukuklwebhana) ingalungiswa. AmaNazaretha mawabe munye njengebumba likasimende .(isihlabelo samaNazaretha). Okubalulekile wukuthi sonke sikhonza uShembe," kusho umsakazi.
Uthe yena enkulumweni yakhe ubengalwi kodwa ubezama ukudlulisa uvo lwakhe.
Eqhuba, uthe asikho isidingo sokulokhu beklwebhana ngoba lezi zinhlangothi zinemithetho yazo eziyilandelayo engafani.
"Thina indlela esivunula ngayo ayifani neyezinye izinhlangothi. Sithola sesihlekwa ngenxa yendlela esigqoka ngayo. Asikho isidingo salokho ngoba abaseBuhleni banendlela yabo abenza ngayo izinto. Bagcina imithetho yabo, nathi sigcina eyethu," kusho uZimdollar.
Umkhulumeli webandla laseBuhleni, uMnuz Mncwabe, uqale ngokuwaxolisela amaNazaretha ohlangothi lwakhe.
"Nabashumayeli basemasontweni bayimbangela. Abakwazi ukukhuluma umthetho webandla ngoba befuna udumo. Into uma imnyama ayibe mnyama, kungashiwo ukuthi imhlophe. Sibaningi impela kuleli bandla kodwa akumele sigange," kusho uMncwabe.
Eqhuba, uthe, umholi uNyazilwezulu kayinanxa namalungu ebandla lasekuPhakameni.
Uthe yena uyalibingelela ilungu laseBuhleni ngaphandle kokuba nenkinga.