UNETHEMBA lokudala amathuba omsebenzi nokusiza abampofu umculi wokholo osungule iziphuzo ezidakayo, ezibizwa ngokuthi Ubuhle Bamabhinca.
Umsunguli wabo futhi ongumbhali wezincwadi, uLesedi Badisang (29), uthe njengamanje uqashe abantu abangu-10 ebhizinizini lakhe.
"Into engiyiqaphelile wukuthi thina singabantu abamnyama kayiminingi imikhiqhizo yotshwala yosomabhizinisi abancane. Asinakho okwethu. Sithenga okwezinye izizwe. Ngibe sengibona ukuthi angiqale i-gin & tonic ngoba osisi bathanda okunoshukelana. Ngibe sengilandelisa ngobhiya. Njengamanje kusatholakala eTops eCenturion, kodwa buzongena nakwezinye izindawo," kusho uLesedi.
ULesedi, okhiphe i-albhamu yakhe yowokholo iTake It to the Lord in Prayer ngo-2015, uthe esinye isizathu esenze wasungula isiphuzo yingoba efuna imali yokusiza abahlala emgwaqweni.
"Ukucula yinto engiyenze ngothando, ngichitha isizungu kodwa ngokuhamba kwesikhathi amaCD ebengiwadayisa bengisiza ngawo abafowethu abasemgwaqweni. Ngikhule ngingenabazali, ngasebenza emakhishini ngineminyaka eyisishiyagalombili. Ngiyabakhuthaza ukuthi bashintshe impilo yabo, ngakho utshwala buzongisiza ngithole imali yokubayisa ezindaweni abangashintsha kuzo impilo yabo, benze namapasi."
Uthe unina wamshiya nogogo ngoba usingayise wayengafuni ukunakekela izingane engazizali. Lokhu kwaphoqa ukuthi afune amatoho ngoba ekhaya kwakudliwa imbuya ngothi.
Utshwala bakhe busanda kwethulwa ngokusemthethweni KwaSkorokoro, eJeppe eGauteng, emcimbini obuhanjelwe ngabaculi okubalwa kubo Abafana BakaMgqumeni.