BASOLA ukuthi ugajwe yisikhwele kumholi we-ANC odubule wabulala isoka lentombi okusolwa ukuthi ibimbhangqile.
Umsolwa ongusihlalo wegatsha le-ANC eliseVryheid, udubule wabulala uMnuz Mnotho Mbatha, ngeSonto ebusuku.
Umsolwa obeyikhansela kuMasipala wasebaQulusi, kuthiwa ufike wavulela ngenhlamvu kuMbatha nasentombini (igama layo eligcine lingatholakalanga).
Intombi kuthiwa isesimweni esibucayi esibhedlela esiseMgungundlovu.
Isigameko senzeka emijondolo edume ngokuthi kuse-Dumping Site.
Umsolwa kuthiwa uzinikele emaphoyiseni emva kwesigameko, kanti uzovela enkantolo namhlanje.
Umalume kaMbatha, uMnuz Pilious Sikhosana, uthe badumele ngokubulawa komshana wakhe.
USikhosana uthe bebengakatholi kahle ukuthi kwenzekeni kodwa wathi banethemba lokuthi bazothola konke uma umsolwa esevele enkantolo.
“Inkinga ukuthi uhlala kude, thina siseNquthu, yena ubehlala eVryheid.”
Lo msolwa igama lakhe elingeke lidalulwe ngenxa yokuthi akakaveli enkantolo, ubeyikhansela le-IFP kodwa wabuye washiya wajoyina i-ANC.
Njengamanje umsolwa kuthiwa usebenzela eminye yeminyango kahulumeni.
USotswebhu we-DA kuMasipala wasebaQulusini, uMnuz Swelakhe Shelembe, ubabaze isihluku esenziwe umsolwa.
UShelembe uthe bekukhona ingane eneminyaka emithathu endlini ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Umunyu esiwuficile, isimo esisificile, senza ukuthi kuhlengezele izinyembezi. Into yokuqala esiyitholile, ukuthi ngesikhathi edubula laba bantu ababili bekukhona ingane eneminyaka emithathu. Le ngane kuthiwa iphume yeqa isidumbu, yahamba yayotshela abantu ukuthi nangu u (emgagula ngegama) edubula ubaba nomama.”
UShelembe unxuse ubuholi be-ANC esifundeni iMzala Nxumalo ukuba buthathele umsolwa izinyathelo.
“Siyafisa ukuthi i-ANC ithathele izinyathelo zangaphakathi lomuntu owenze isihluku esinje ekubeni ephethe isikhundla sokuhola emphakathini. Uyena okufanele engabe uvikela umphakathi kodwa ukwazi ukubulalala umuntu wesifazane ngenxa nje yokugajwa ile nto ebimgabhile.”
UShelembe uthe umsolwa ubewuhlalise lubhojozi umphakathi.
“Umphakathi njengamanje uthi uhlalele ovalweni ngoba uthi lo mlisa ubehlezi eqhumisa isibhamu. Siyalwa nokuthi athole ibheyili ngoba umphakathi ngeke uzizwe uphephile.”
Unobhala we-ANC esifundeni iMzala Nxumalo, uMnuz Ntokozo Nxumalo, uthe bese beluzwile udaba kodwa wathi ubengakayitholi imininingwane ephelele.
UNxumalo ucele ukuba abuye ashayelwe uma esesehhovisi, kepha akabange esalubamba ucingo eseshayelwa futhi.
Amaphoyisa aseKZN agcine engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe ngayo ngalesi sehlo.