UMLINGISI wodumo kwiHostela nakuMuvhango, uBheki Sibiya, uzosusa ukushisa emdlalweni wethelevishini okhonjiswa kwi-e.tv, Isitha The Enemy, kusukela ngoLwesine ngo-9.30 ebusuku.
Ngokusho kwesitatimende kosophikweni lwezokuxhumana osaqeqeshwa, u-Onkgopotse Baloi, uBheki uzobe elingisa indawo kaSolly Gumede. U-Okgopotse uthe uSolly yindoda eyake yaba ngamathe nolimu noNomsa (okuyindawo elingiswa wuVelephi Khumalo) futhi enguyise kaChuma (Thobani Nzuza), Khaya (Zamani Mbatha) noThenjiwe (Nonkululeko Mbatha).
Uthe uSolly utheleka kwaSokhulu ezinzulwini zobusuku ekubeni uNomsa engazelele.
"Uthi uze ngobuhle futhi ufuna ukwakha ubudlelwano nezingane zakhe noNomusa. Uyindoda eqotho kodwa enenkinga yokuba yisoka lamanyala.
" U-Onkgopotse uthe uSolly wake waba nothando olumuncu nobeyisithandwa sakhe uRebecca Mabuza (Linda Sebezo).
"Kuwumqondo omuhle kuNomsa ukukholelwa ukuthi uSolly usehlukene nemikhuba yakhe yokuqonywa? Ngabe ufanele uSolly ukuthethelelwa wuNomsa," kubuza u-Onkgopotse.
Imizamo yokuzwaa ukuphawula kukaBheki kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
UBheki waqala ukuzakhela ugazi esadlala indawo kaBheki Sotobe kuMuvhango. Kusukela lapho akabange esazithambisa njengoba egcine eselingisa kwiDurban Gen, DiepCity, eHostela, Ifalakhe, Sorted, The Herd, Umbuso, Uzalo nakwiZero Tolerance.
Ungumlingisi oneziqu zeSpeech and Drama azithola eTechnikon Natal (osekuyiDurban University of Technology) nezokudidiyela amafilimu azizuza e-AFDA.