UKHALA uyazithulisa umculi owazakhela udumo emsakazweni ngowesifazane athi ubaleke nengane yakhe futhi akasafuni ayibone.
Lo mculi, odumile eThekwini nophinde abe ngumphathi wezinhlelo emicimbini eyehlukene, uthe unendodana eneminyaka eyisithupha nalo wesifazane waseMlaza. Inkinga uthe akasakwazi ukuyibona emva kokuthi lo wesifazane ethole isoka elisha asehlala nalo nendodana yabo.
Uveze ukuthi okubuhlungu uyayondla indodana yakhe futhi usayihlawula waze wengeza nangenkomo ngaphezulu ngoba efuna ukuba nobudlelwano nayo.
“Ayikho into engiphethe kabuhlungu njengale eyenziwa wu...(egagula igama lakhe). Akukho engingakwenzeli yona indodana yethu kodwa ukwazi ukuyithatha abaleke nayo. Sithole le ngane naye sisafunda, ngingakabi nayo imali, kodwa bengimnika imali uma kwenzekile ngaba nayo. Nabazali bakhe u....(esho unina wendodana yakhe) abanankinga nami njengoba bebekwazi ukuthi uma ngifuna ukubona ingane yami bayikhiphe ngiyibone njengoba ibihlala nabo. Udaba lwethu sengize ngaluyisa enkantolo njengoba ngidinga ukuthi ngikwazi ukubonana nengane yami emva kokuthi efike kubo u...(esho unina) wayithatha wahamba nayo ngaphandle kokuvumelana nabazali bakhe,” kusho lo mculi.
Uthe ngoJulayi 18 baya enkantolo njengoba efuna ukuthi anikwe ithuba lokuthi abe sempilweni yendodana yakhe.
“Mina engikukhalelayo ukuthi sihlale sazana nendodana yami. Ngalokho angisho ukuthi ngifuna sibuyelane. Ukuba sempilweni yendodana yami akusho ukuthi ngizoyithatha ngizohlala nayo kodwa ngifuna ukwenza isiqiniseko ukuthi ngezimpelasonto ngihlala nginayo ukuze sihlale sixhumene. Yena uthi iyoze iqale ukuhlangana nami isineminyaka engu-11 engingazi ukuthi kusho ukuthini. Okubuhlungu kakhulu ukuthi indodana yami angiyazi noma isafunda yini njengoba zonke izikole aveza ukuthi ifunda kuzona sengiyile kuzona kuvela ukuthi ayikaze ifunde khona,”usho kanje.
Imizamo yokuxhumana nonina wendodana yalo mculi ayiphumelelanga njengoba engekho emndenini wakhe onezinamba zocingo lwakhe njengoba kuthiwa usexabane ngisho nomndeni wakhe.
Udadewabo walo wesifazane uthe kumanje unina wengane yalo mculi usenze izincwadi zesivimbelo emaphoyiseni ukuthi unina noyise abamzalayo bangaphinde baxhumane naye njengoba ebasola ngokuzwelana noyise wengane yakhe.
“Akekho ekhaya osevumeleke ukuthi axhumane naye. Nathi asimazi ukuthi uhlala kuphi nengane. Usashintsha ngisho nezingcingo zakhe. Indoda ahlala nayo sezwa kuthiwa inguphrojusa wakhe womculo njengoba naye engumculi. Umndeni wami uhlukumezeke kabi ngesenzo sikadadewethu njengoba engasafuni ukuxhumana namuntu ekhaya. Uyise wengane wenze konke kahle ekhaya futhi ingane uyikhokhele ngokugcwele. Inkinga nguyena udadewethu. Asazi uthando olunjani lolu alutholile olwenza aze adikile ngisho nomndeni wakhe ngenxa yendoda, aphinde angafuni ingane ixhumane noyise,” kusho udadewabo walo wesifazane.