AMACALA abhekene noMnyango wezeMpilo kuleli athinta ukungelashwa ngendlela efanele kweziguli adla imali okumele ngabe isetshenziselwa ezinye izinto kulo mnyango.
Lokhu kuvezwe yinhloko ehhovisi loMcwaningi maBhuku- Jikelele, uMnuz Andries Sekgetho, ngesikhathi leli hhovisi lethula umbiko ngaphambi kwekomiti elibhekelelwe ukusetshenziswa kwemali yomphakathi, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), ngeledlule.
Uthe imali ekhokhwa wumnyango ngenxa yamacala iningi kakhulu nosekungaze kubeke umnyango engcupheni yokuthi ugcine ungasakwazi ukwenza eminye imisebenzi yawo .
Uthe ngo-2018, umnyango wazibekela ukuthi ufuna ukwehlisa le mali ngo-80% (R18 billion), ngaleso sikhathi imali okwakumele ikhokhwe wumnyango kwakunguR70 billion.
"Umnyango wehlulekile ukwenza lokhu njengoba le mali isinguR68 million," kusho uSekgetho.
UMnuz Mmule Thipe naye osebenza kuleli hhovisi, uthe: “Ezinye izikhungo zezempilo ezifundazweni zihlulekile ukuveza imininingwane yokwelashwa kweziguli, ezisuke sezifake amacala okuholela ekutheni kube nzima ukuthi umnyango uzivikele ezinkantolo.
Ezikhungweni ezingu-15 kwezingu-27 abenza umsebenzi wokugcina iminingwane noma ukuyifaka kumakhompyutha ziyashoda, okwenza ingatholakali uma isidingwa ngabameli.”