UFUNA othisha nothishanhloko bachithe isikhathi esiningi besezikoleni kunokuthamela imihlangano engabasizi ngalutho.
Lokhu kushiwo nguMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo uMnuz Mathanzima Mweli, othe othishanhloko nothisha bachitha isikhathi esiningi bethamele imihlangano kunokwenza umsebenzi abaqashelwe wona.
Uthe eminye yale mihlangano ayithi shu futhi ayibasizi ngalutho.
“Senginxuse iminyango yezemfundo ezifundazweni ukuthi ivumele othisha ukuthi bachithe isikhathi esiningi besezikoleni benza umsebenzi wabo kunokuthi bathamele imihlangano kwesinye isikhathi engabasizi ngalutho.
“Lokhu kuzokwenza ukuthi uthishanhloko njengemenenja akwazi ukubhekana nomsebenzi wakhe wokulawula isikole okuyinto ebalulekile,” kusho uMweli ekhuluma emhlanganweni wothishanhloko be-Sadtu obuseWestern Cape muva-nje.
Uthe uma bevunyelwa ukuthi benze umsebenzi wabo kuba lula ukuthi baphendule uma izinto zingahambi kahle.
Ubuye wakhala ngokuthi njengoba kuchithwa isikhathi esiningi beqeqeshwa, okunye akutheli zithelo.
“Ngisalelwe yiminyaka emibili ngaphambi kokuba ngihambe emnyangweni. Ngizokhuluma ngalezi zinto angisasabi. Ngibatshelile ukuthi asikho isidingo sokuthi kuqeqeshwe othisha uma umthelela ungeke ubonakale.
“Kumele ukuqeqeshwa kwabo kube nomthelela othile. Kumele kuvele ukuthi uthisha ukhishwe ekilasini kwathiwa akahambe ayothamela ukuqeqeshwa okuthile, nayi imiphumela iyabonakala yokwenza lokho. Kungathathwa nje abantu kuthiwa bayoqeqeshwa bese ekugcineni kuzifanele nje,” kusho uMweli.
Uchithe nokuthi njengoba abafundi ababalelwa ku-1 million beqala uGrade 1 kodwa yisigamu kuphela esibhala u-matric, kusho ukuthi abanye bashiye phakathi ukufunda.
“Abanye bayashona, abanye bayafeyila baphinde ibanga. Ngakho ngeke sithi ngoba kubhala uhhafu kwa-matric uma uqhathanisa nabasuke beqale uGrade 1, ngakho bonke abanye basuke belaxaze isikole.
“Abanye bayahamba bayofunda emakolishi amakhono ngakho basuke besaqhubeka nesikole.”