LUFINYELELE kubafundi abevile ku-250 000 kuleli, uhlelo lwezempilo oluhlanganisa iminyango eyehlukene kahulumeni lokuhlola abafundi ezikoleni kulo nyaka.
Lolu hlelo olwenziwa ngokuhlanganyela phakathi koMnyango weMfundo eyisiSekelo, owezeMpilo nowezeNhlalakahle, lubandakanya ukuhlola amehlo, ukuhlola ukuthi abafundi bayezwa kahle, ukuhlola amazinyo nokugqugquzela ukuxubha kanjalo nokuhlola umzimba wonke.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, ephendula umbuzo welungu le-IFP uMnuz Siphosethu Ngcobo, uthe lolu hlelo lubandakanya nendaba yomgomo kanjalo nokufundisa ngezempilo jikelele ezikoleni.
UNgcobo ubuze ukuthi bangaki abafundi abahlolwe amehlo ezikoleni kulo nyaka nanyakenye.
Ubuze nokuthi iluphi uhlelo olukhona olufinyelela nakwabanye abafundi okunzima ukufinyelela kubona.
UNkk Motshekga uthe lolu hlelo lukuzona zonke izigaba kusuka kwi-Foundation Phase kuya kwa-matric.
“Imininingwane ethathwe eMnyangweni wezeMpilo iveza ukuthi uhlelo lokuhlola abafundi lufinyelele kwabangu-74 529 ngo-2021. Abafundi abangu-296 badluliselwa kwabasiza ngezibuko.”
Uthe ngo-2022 lolu hlelo lwezempilo lufinyelele kubafundi abangu-257 407.
“Abafundi abangu-22 462 badluliselwe kwabasiza ngezibuko. Badluliselwa ukuze bathole usizo lwamehlo,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe abazali minyaka yonke banikwa amafomu ukuze bawasayine.
“Kulawo mafomu basuke bevuma ukuthi izingane zabo zingahlolwa ukuze zithole usizo lwezempilo ezikoleni. Ifomu isuke ihambisana nemininingwane yosizo umfundi azobe eluthola esikoleni kulowo nyaka.”
Njengoba kunohlelo lokudla ezikoleni, abafundi banikwa nemithi noma amaphilisi okubulala izikelemu.
Olunye usizo lwezempilo abaluthole kulo nyaka kubalwa ukugomela isifo i-Diphtheria, okukhishwe amafomu ayiswa kubazali kuqala ukuze bawasayine ngaphambi kokuba izingane zabo zigonywe.