UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usuqale ucwaningo ngeziqu zothisha abafundisa iMaths neSayensi njengoba kukhona okuthiwa bafundisa lezi zifundo ekubeni bengagogodanga kuzona.
Ucwaningo lubheka ubulili balabo thisha, iziqu abanazo, ubuzwe babo kanjalo neminyaka yabo.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Phillip Dikgomo womnyango, othe bagcina ukwenza ucwaningo ngothisha abafundisa iMaths neSayensi ngo-2016.
Uthe kulolu cwaningo bathola ukuthi bangu-157 000 othisha abafundisa iMaths.
“Kulolu cwaningo kwavela ukuthi u-10% wabo babeqhamuka kwamanye amazwe. “Yingakho sinqume ukuthi kube nocwaningo ngoba sesiside isikhathi sagcina ukulwenza,” usho kanje.
Ukhale ngokuthi abafundi abenzi kahle kulezi zifundo.
“Abanye othisha abafundisa lezi zifundo uthola ukuthi bagogoda kwezinye izifundo ezifana neHistory hhayi kwiMaths. Bayashoda nabazoluleka nangalezi zifundo emnyangweni. Asenzi kahle kwiMaths, sifuna ukuthola ngaphezu kuka-60% kwamatric kulesi sifundo.”
Amalungu ekomiti loMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, akhale ngothisha abafundisa lezi zifundo ekubeni bengagogodanga kuzona.
UMnuz Ronald Moroatshehla we-ANC, ukhale ngokuthi baningi othisha abafundisa lezi zifundo bengagogodile.
Uthe njengoba naye ayenguthisha weMaths uyayazi le nkinga ngalabo thisha.
“Umnyango kumele ube nemihlomulo ukuze othisha abagogodile kulezi zifundo bangashiyi ekufundiseni bayohlwaya amadlelo aluhlaza. Akube nezinhlelo zokubabhekela.”
UMnuz Baxolile Nodada weDA, uthe kudingeka baqeqeshwe othisha ngoba nolunye ucwaningo olwenziwa lwaveza ukuthi bashaya udaka ezivivinyweni abazibhala ngalezi zifundo abazifundisayo.
Ukhale ngokuthi baningi abafundi abalaxaza iMaths kuleli benze iMaths Literacy.
“Kumele sikhathazeke ngokuthi baningi abafundi abayeka iMaths benze iMaths Literacy.
“Abagqugquzelwe ukuthi benze iMaths neSayensi.” Usihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe bafuna ukwazi ukuthi bangaki othisha abagogodile abafundisa iMaths neSayensi.
Uthe bafuna ukwazi ukuthi bakhona yini abakwamanye amazwe abafundisa lezi zifundo.
UNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthe phambilini babelanda othisha e-India naseZimbabwe ukuzofundisa lezi zifundo.
Uthe emva kokuqinisa kakhulu ekunikeni umfundaze iFunza Lushaka abazogogoda kulezi zifundo, sebebaningi abagogodile kepha abangenazo nezikhala zokufundisa.
“Sesiqale izinhlelo zokubheka ukuthi singayikhipha kanjani imifundaze ezogxila ezifundweni ezintsha iRobotics, Coding nezinye ukuze othisha bangashodi.”