UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer, uthembise ukuthi bazokhokhelwa bonke abaphakela izikole asebelethe izimfanelo eziqondile.
UNkk Frazer uthe ukuletha izimfanelo ngezikhathi ezingafani kosonkontileka kwenze bangakhokhelwa bonke ngesikhathi esisodwa.
“Osonkontileka abaphakela izikole kabalethanga bonke izimfanelo zokuthi bakhokhelwe, yingakho bakhokhelwa ngesikhathi esingafani. Kodwa siqalile ukubakhokhela ngomsebenzi asebewenzile wokuphakela abafundi,” kusho uNkk Frazer.
Ukusho lokhu muva-nje ekhuluma ngesikhathi kuhleli iPhalamende leNtsha eNdwedwe.
Kulesi sithangami uthwale kanzima njengoba ephazanyiswe izikhawu ezimbili lapho bekudingeka ukuthi axolise ngokungadli kwabafundi ngo-Ephreli.
Lezi zinkinga zadalwa wukungafiki ngesikhathi kokudla kuzona zonke izikole.
“Besithi ungqongqoshe uzoqala ngokuthi axolise, ngamaphutha enzeka abafundi bengakutholi ukudla. Bekumele ngaphambi kokungena emunxeni wokudla ezikoleni, axolise ngokwenzeka, abafundi bengadli,” kusho ilungu lentsha ebelihambele lesi sithangami sePhalamende leNtsha.
UNkk Frazer ugcine echazile ukuthi kwenzeka iphutha wathi abafundi nabazali kanjalo nabo emnyangweni baphazamiseka kakhulu ngalesi simo sokungafiki kokudla ngesikhathi.
Uthe osonkontileka sebezithengela ngqo izikole wathi ezikoleni eziningi sekuyadliwa.
Uveze nokuthi kudliwa nephalishi ekuseni wathi lokhu kuyasiza kulabo bafundi abadinga isidlo sasekuseni.
Ubuye waveza nokuthi kwezinye izikole akufiki ukudla okuphelele.
Ubalule nokuthi namhlanje kuzoba nokunye ukukhokhelwa kosonkontileka.
Usho lokhu nje ngeledlule abanye osonkontileka baseMlaza bagasele emahhovisi omnyango aseThekwini eTruro House, beyokhala ngokuthi abakhokhelwe ngumnyango selokhu baqala ukuphaka.
Omunye wabo ocele ukungavezwa, uthe abazi ukuthi kubambe kuphi njengoba izinto zabo bazihambisa kudala emnyangweni
“Angazi kungani singaholanga sekuzoze kuvalwe izikole zivalelwe amaholidi kaJuni. Uma sizama ukuthola izimpendulo akekho osiphendulayo,” kusho usonkontileka.
Uthe bazwile ukuthi bakhona abanye asebekhokhelwe.
UNkk Frazer uthe kunezinto abasazilungisa ezidinga umthetho.
“Ngeke siphuthumise izinto bese kulimala abantwana bethu. Silandela yonke imigudu yomthetho ukuze singabi nezinkinga.”
Usho lokhu nje kusaqhubeka ukuxoxisana phakathi komnyango nenkampani eyayithole le thenda iPacina Retail, ngale nkontileka.
UNkk Frazer uthe bayazibophezela ekutheni bonke abafundi bayadla ezikoleni.