OBEGCOTSHELWA kwesokuba nguMengameli omusha weZulu Congregational Church (ZCC), uMfu Sihle Zuma ufuna ukuthi ibandla lilwe nenkinga yezidakamizwa ekhungethe intsha.
Umsebenzi wokugcotshwa kukaMfu Zuma bewenganyelwe nguMfu George Mnisi wesikole sokufundela ubufundisi, i-Union Bible Institute (UBI).
Le ndumezulu yenkonzo ebihanjelwe ngamalungu aleli bandla ebevela ezingxenyeni ezehlukene zeKwaZulu Natal ibisesakhiweni sePresbyterian Church of Southern Africa esiseMpendle.
UZuma enkulumeni yakhe uqhakambise kakhulu ukubaluleka kokuba leli bandla liklame indima enkulu ekuthuthukisweni kwentsha yalo.
Uthe ukholwa ukuthi ibandla likaNkulunkulu linendima enkulu okumele liyiklame uma kukhulunywa ngentsha eacwile ezidakamizweni.
"Ngifuna ukuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokuphucula impilo yentsha. Kodwa konke kulele ekutheni sisebenza ngokubambisana kangakanani,'' usho kanje.
Uthe ingwadla yentsha ecwile ezidakamizweni akumele ibandla liyibukele kude kodwa kumele libhukule ukuze lithole isisombululo sayo.
Uthe ebuholini bakhe ufuna ukubona leli bandla linentsha eaphokophelele impilo engcono futhi engeke nangephutha igcine isiphenduka imilutha yezidakamizwa.
Ngale kwezidakamizwa uthe ibandla kumele kube khona elikwenzayo ukugwema ukuthi intsha ingangeni ebugebengwini
"Ngiyilolu hlobo lomholi olukholelwa kakhulu entsheni. Yingakho nje ngifuna sibabeke phambili siphinde sibalekelele ngayo yonke indlela esingenza ngayo,'' usho kanjena.