EMUVA kweminyaka emine aboshelwa ukuphehla udweshu lomtapo ngoJulayi 2021, uMnuz Bonginkosi Khanyile (34) useze wanikwa usuku okuzoqulwa ngalo icala.
INkantolo yesiFunda yaseThekwini ikubekele uMashi 2025, ukuqulwa kwecala elithweswe uKhanyile oseyilungu loMkhonto weSizwe (MK) Party.
UKhanyile ongaphandle ngebheyili ka-R5 000, uvele kule nkantolo ngoMsombuluko ngesikhathi kuphothulwa izindlalelo zokuqala kwecala.
UMbuso uhlele ukubiza ofakazi abangu-62, usebenzise ama-video, izithombe nezingxoxo zakuWhatsApp uqinisa ibhawodi.
UKhanyile uthe usamile emazwini awasho mhlazane ededelwa ngebheyli ukuthi umsulwa kodwa unqanyulezelwa ukuthi walwa nokuvalelwa ejele kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Uqhube wathi noma seliphothuliwe icala, uyophuma phambili ngoba akukho muntu amyalela ukuthi atape, ashise noma abulawe.
Icala lihlelelwe ukuba liqale ngoMashi 3 kuya kuMashi 15, 2025.
“Icala anginalo. Into eyaba inkinga ukuthi ngasuke ngakhankasela ukuthi ubaba uNxamalala akhishwe ejele ngoba wayeboshwe engakaze avele enkantolo. Kwakuphulwa amalungelo akhe nguMengameli (Cyril) Ramaphosa nowayeyiNhloko yamaJaji uZondo,” kusho uKhanyile
Uqhube wathi iyona into esamgqigqisa enkantolo namanje.
UMbuso usola uKhanyile ngokuba sekhaleni ekuphehleni izibhelu ngokuthi agqugquzele abantu ukuthi bavuke injebomvu emuva kokuboshwa kukaZuma.
UKhanyile ukhale ngokuthi amacala athinta izibhelu ayebhekene nabanye abantu, okubalwa kubona amaNdiya ePhoenix, “asulwa.”
Uqhube wathi lawo maNdiya asahamba amacala kawanayo imibandela yebheyili yena anikezwa yona.
“Njalo ngesonto kumele ngiyovela emaphoyiseni ngisayine. UCyril wathatha isinqumo sokuthi wonke umuntu oweseka uZuma uzomphilisa kanzima. Ingakho ngigqigqa inkantolo ngaphucwa ne-passport,” kuchaza uKhanyile.
Uthe noma ngabe icala liyamgojela, yena uyobe azi ukuthi umsulwa ngoba ayikho impahla nezinxanxathela zezitolo azithungela ngomlilo futhi akukho akweba.