SIZWE BLOSE
UMAKADEBONA endimeni yezokusakaza uthi ulwazi analo selungamenza akwazi nokubamba izintambo njenge-Chief Operating Officer kwa-SABC.
Umsakazi weVuma FM uPhumlani ‘Aweh’ Dube (36) ozalelwe wakhulela eMlazi utshele Isolezwe ukuthi uneminyaka engu-17 esendimeni yokusakaza ngakho akukho angakwazi ngayo.
“Ngiqede u-matric eVukuzakhe High ngo-1994 ngabe sengilandela iphupho lami lokufuna ukuba yintatheli. Umuntu owangifaka uthando lwalo msebenzi nguThabo Thulo owayeyintatheli yase-Independent Newspapers owayefika eVukuzakhe asifundise ngobuntatheli. Angiwuvalanga umlomo ngesikhathi efaka udaba lwami kwi Sunday Tribune, empeleni uyena ongifundise indaba yo-5 W’s no H,” kusho uPhumlani.
Elandisa Isolezwe ngokungena emsakazweni uthe wezwa ngomsakazo iDurban Youth Radio, wathi uma eyilalela kwathiwa badinga abantu bezindaba, nebala bavumelana ngokuthi uzobalethela izindaba ezenzeka ngakubo.
Uveze ukuthi ugcine esengumhleli wezindaba kulo msakazo.
Uthe uthole umfundaze kwiSteve Biko Scholarship emthathe yamfaka ezindaweni eziningi njengoYFM, IAJ naseNorth West ezithuthukisa ulwazi lwezobuntatheli.
UPhumlani uthe ayikho into eyamphatha kabi njengokuthola izindaba zokuthi i-DYR seyivaliwe.
“Lokhu kwangenza ngaya eNatal Technikon (esibizwa ngeDUT) ngazenza umfundi wakhona ngoba ngifuna ukusebenzisa i-Internet, ngingene kuyona ngathumelela u-Omar Essack i-email ngimazisa ngami nezinto engingazenzela i-East Coast Radio. Wachazeka kakhulu ngendlela eyayibhalwe kahle ngayo wacela ukuthi ngimbone,” kuxoxa uPhumlani.
Uthe wayeqala ukubangwa abaphathi empilweni yakhe, waze washayela ucingo unina emazisa.
Uveze ukuthi wayebangwa uGiven Meiring owayephethe izinhlelo efuna adidiyele uhlelo lukaMakhosi Khoza no-Alan Khan owayengumhleli wezindaba efuna angene ngaphansi kophiko lwakhe.
Uthe ugcine esengena ezinhlelweni ngaphansi kukaMeiring wadidiyela uhlelo lukaMakhosi Khoza ngo-2002 kuya ku-2004. Ngo-2006 usebenzele iTimes Media eyi-Online Sub Editor.
Ngo-2006 kuvulwe iGagasi FM wasebenza kulona, uthe uma ephuma wangena kuKhozi FM, waya eGoli i-ECR yamcela ukuthi abuye, ngengamanje usakaza noLinda Sibiya ohlelweni lwasekuseni kwiVuma FM naphinde aludidiyele.
Uthe unina usaphila kodwa uyise akasekho emhlabeni, bahlanu kubo. Ukhona umuntu ahlekisana naye futhi unezingane ezimbili.
UPhumlani uphinde abe yinxusa lePioneer Debts Solutions futhi unenkampani ebizwa ngePD Productions eyenza kube lula ukuqasha abaculi, oDJ nabaphathi bohlelo.
Uphethe ngokuthi uchitha isikhathi ngokulalela umculo nokuzivocavoca.