KUSUNGULWE isikhwama samakhosi okuthiwa izinkampani ezizimele zifuna ukutshala kuso izigi zamaRandi.
UNdunankulu kaZulu ophathiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, umemezele ukusungulwa kweSandlwana Holdings, okuyisikhwama samakhosi.
UButhelezi uthe kunezinkampani ezimbili ezizimele ezifuna ukutshala imali esikhwameni esisha.
Ukusho lokhu ngesikhathi enomhlangano namakhosi, oLundi, ngoLwesine.
ISandlwana Holdings isungulwe emva kwekhwelo leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini lokuba amakhosi azimele, angathembeli kuhulumeni.
UButhelezi uthe ibhange i-African Bank nabakwaVodacom babeke eceleni izigidi zamaRandi abazozitshala kulesi sikhwama.
UButhelezi uthe abakwa-African Bank babeke eceleni u-R3.6 billion abazowutshala kulolu hlelo.
Abakwa-African Bank bebemelwe uMnuz Sibongiseni Ngundze, oyisikhulu esiphezulu sezokubhenga, emhlanganweni wayizolo.
UButhelezi uthe abakwaVodacom bona bafuna ukutshala u-R80 million kulolu hlelo.
“Bakhethe ukuthi isikhwama iSandlwana Holdings, kube yisona abafuna ukusebenzisana naso ukuthuthukisa izindawo zamakhosi. Ziningi izinhlelo abaziphethe ezizothuthukisa izindawo zamakhosi.”
AbakwaVodacom bebengekho emhlanganweni wayizolo kepha uButhelezi uveze ukuthi isikhulu esiphezulu kule nkampani, uMnuz Sitholizwe Mdlalose, sibe nomhlangano nosihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, inkosi Sifiso Shinga, kulo leli sonto.
Kuzoguga amaphakethe emakhosini afuna ukujoyina isikhwama esisha njengoba ezongena ngo-R100 000.
UButhelezi unxuse wonke amakhosi ukuthi ajoyine, waxwayisa ngokuthi kuzohamba kube nesikhathi lapho kuzovalwa khona ukujoyina isikhwama.
“Ngeshwa, makhosi ukuze sibuzwe ubuhlungu, kumele kube khona esikufakayo njengoba nabo kukhona abazokufaka. Inkampani isisunguliwe, kusele ngakini makhosi. Inkosi kumele izinqumele yona ukuthi nasi isitimela siyahamba, ngiyajoyina yini. Kulokhu esikubonile, sakucubungula nabameli, kuyisifiso seNgonyama ukuthi kungabi khona inkosi ezosala ngaphandle.”
UButhelezi uthe imali ezongena kulesikhwama izosetshenziselwa ukuthuthukisa izizwe zamakhosi.
“ISilo, makhosi asendlunkulu, sinombono wokuthi thina makhosi aKwaZulu-Natal, sikwazi ukuzimela kwezomnotho. Lapha KwaZulu-Natal kukhona yonke inhlobo yengcebo engenza ukuthi amakhosi azimele. Kufumaniseka ukuthi alukho uhlelo oluqondile olungenza ukuthi amakhosi akwazi ukuzimela kwezomnotho.
“Le nkampani isungulelwe nina makhosi ukuthi zonke izinto eziyizifiso zokuthuthukisa imiphakathi yamakhosi, kungalokhu kulindwa uhulumeni. Njengoba ukhetho lungekho, sibona ngokuthi singawuboni uhulumeni ezindaweni zamakhosi. Mhla kwamenyezelwa usuku lokhetho sibona ngokuthi zigudlane ezindololwaneni, zonke zifisa ukuzibika emakhosini. Akusiyo impilo ukuthi silinde uhulumeni ngoba naleli bhodwe likahulumeni liyancipha.”