KUSHONE iziguli ezimbili ezingozini ezintathu ezehlukekene ezenzeke KwaZulu-Natal.
Ezingozini ezimbili; ama-ambulensi ashayise izinkomo agingqika, kwesisodwa isiguli sizokhele ngomlilo kwasha iwodi.
Esehlakalweni sokuqala esenzeke esibhedlela eClairwood; isiguli ebeselashelwa isifo sokuphazamiseka komqondo sizishise ngesihlanzimagciwane, sashona.
Kwesesibili, ibhasi elithwala iziguli ebelisuka eManguzi ebelithwele iziguli ezingu-62, lishayise inkomo eMbazwana, lagingqika, kwashona isiguli esisodwa, ezinye ebezikuyo zalimala okungatheni.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe isiguli esingowesifazane oneminyaka engu-41 ebesilaliswe ngokwehlukana nezinye iziguli, sizishise ngomlilo wasabalalela nakwamanye amawodi.
"Ngesikhathi kuqubuka umlilo abasebenzi bethu bakwazile ukuphuthuma bahlenge ezinye iziguli ezingu-23 ebezisewodini, ngeshwa abakwazanga ukusihlenga lesi siguli esisuse umlilo," kusho umnyango.
Inyunyana yabasebenzi, i-Public Servant Association (PSA), ikushayele ihlombe ukusebenza ngokushesha kwabasebenzi abahlangule iziguli, bacisha nomlilo kodwa yathi kuyakhathaza ukuthi kuze kwaba nesigameko esinjengalesi esibhedlela ekubeni bekumele kugwenywe ukuthi isiguli sisondelane nezinto eziyingozi.
UMnuz Mlungisi Ndlovu we-PSA KwaZulu-Natal, uthe: "Siyakutusa ukuthi abasebenzi basesibhedlela bakwazile ukuhlenga iziguli ngokushesha nangempumelelo kodwa lesi sigameko sikhombisa ukwehluleka kwesikhungo ukufeza isibopho sokuqinisekisa ukuphepha kwalabo esibanakekelayo. Ukusiza ngokushesha enhlekeleleni akunakuthatha indawo yokuyivimbela inhlekelele. Akwamukelekile ukuthi isiguli ewadini labagula ngengqondo sikwazi ukufinyelela ezintweni eziyingozi," kusho yena.
UDkt Imran Keeka owusihlalo wekomiti lezempilo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uthe izikhungo zezempilo eziningi e-KZN zidinga ukulungiswa, kumele kubhekwe ukuthi ngabe lokhu akunawo yini umthelelela ekusabalaleni komlilo.
Esehlakalweni sesithathu; umnyango uthe i-ambulensi ebithwele iziguli eziyizingane isuka eTshelejuba, eNkandla, iya eNgwelezane, ishayise inkomo yagingqika ngenhlanhla kwangashona muntu.
“Umnyango ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo ezihlotsheni zabashonile kulezi zigameko,” kusho isitatimende.