UMNDENI wowesifazane waseDumbe otholwe egwaziwe eklinywe ngeduku enqunu usola ayephuza nabo ngalesi sigameko.
UNkk Phili Precious Sibeko (42) kuthiwa ubezijabulele kwababomncane wakhe eMangosuthu kunomsebenzi wesintu bephuza ngempelasonto ngaphambi kokuthi atholwe esebulewe.
UNksz Siphiwe Nduzi ongudadewabo uthe yize bengazi noma bakhona yini asebeboshiwe kodwa basola ukuthi abantu abamaziyo abambulele. “Kunabantu abathathu ahamba nabo sebeqede ukuphuza besuka kwababomncane beya ekhaya. Naye wayeziphuzela kukuhle. Utholwe ingane yakhe enqunu, eklinywe ngeduku enamanxeba okugwazwa elele emgwaqweni,” kuchaza uNksz Nduzi.
Uthe njengoba kubulawe uNkk Sibeko, ngoDisemba kwabulawa indodana yakhe uSamkelo eneminyaka engu-21 naye eyatholwa igwaziwe kuyo le ndawo. Uthe abazi ukuthi bazomisa kanjani ngomngcwabo.
IMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso, ihambele lo mndeni yawunxusa ukuba uphuthume ehhovisi layo ukuze kubhekwe ukuthi ungasizakala kanjani kulesi simo obhekene naso.
Lesi sigameko kuvela ukuthi singezinye ezishaqisayo esezenzekile esifundeni saseZululand lapho abesifazane betholwa begwaziwe bebulewe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe akukaboshwa muntu, kusaphenywa.