NAKUBA amaholidi okuphela konyaka aziwa ngokuba yisikhathi sokujabula kodwa yiqiniso elingephikwe ukuthi kwabanye abantu awabi mnandi ngenxa yokuthi baba nomzwangedwa odalwa yizizathu ezahlukene, njengokungalitholi ithuba lokuyojabula nabathandiweyo babo ngalesi sikhathi.
Umzwangedwa onjalo ungaba yingozi futhi ube buhlungu komphethe ngoba ungenza ukuthi omphethe abuyelwe wumuzwa obuhlungu awuzwa mhla eshiwa ngabantu abathandayo, ikakhulu kwabasuke behlala ngabodwana.
Yingakho isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sikhuthaza ukuthi abantu kube khona abakwenzayo ukuzama ukulwa nale nkinga, futhi balandele namathiphu angabasiza.
Nakhu okunye okungakusiza uma unomzwangedwa ngamaholidi:
1. Khuthalela ukuxoxa nabantu:
– Ukuhlale uxoxa nabantu kuyasiza ukukugcina usesimweni esihle ngokomqondo, ikakhulu kulabo abasuke bezizwa bebodwa. Ungaxhumana nomngani wakho, umuntu womndeni noma umakhelwane ukuxoxa mhlawumbe ngokubafonela, noma nifonelane nge-video call ukusiza ukuziba umzwangedwa.
2. Sebenzisa ubuchwepheshe besimanje:
– Ukuthuthuka kwezinga lokuxhumana ngobuchwepheshe besimanje kuyakusiza ukuxhumana nabantu abakude nawe ngama-video call kaWhatsApp, i-Zoom ne-Face Time, ngendlela ezokwenza nibonane nibe ningekho ndawonye ngaleso sikhathi.
3. Yenza izinhlelo zokubuyisela emphakathini:
– Ukubuyisela emphakathini ngokuhambela izindawo ezithile, ubonane nabantu ozobapha izipho nezinto ezimnandi, kungenza umqondo wakho ukhululeke mbijana, ujabulele ukuba nabantu.
4. Yenza izinto ezikujabulisayo:
– Ukwenza into oyithandayo nekujabulisayo njengokubhaka amakhekhe, uhlobise ekhaya noma ulalele umculo omnandi owuthandayo, nakho kungasiza ujabulele amaholidi.
5. Hlela izinto ozozenza kusenesikhathi:
– Ukuhlela ukuthi uzokwenzani futhi ngasiphi isikhathi kungasiza kakhulu ukugwema ukhwantalala nobuhlungu bokuzizwa uwedwa. Hlela ukuthi izinto ezinjengokuya e-cinema uyobuka i-movie, ukufunda incwadi nokufonela abangani nomndeni wakho uzokwenza nini, ukuze ugweme ukuthi kube nesikhathi esiningi ongazi ukuthi uzokwenzani ngaso.
6. Cela usizo uma unobuhlungu bokulahlekelwa ngothandiweyo:
– Kubantu abashonelwe ngabantu ababathandayo ngaphambi kwamaholidi okuphela konyaka, isikhathi sokujabula ngoDisemba singaba nzima kubona. Ukukhuluma nabantu obathembayo ngalokho kungakusiza ukwehlisa umthwalo.
7. Hlala uphilile emzimbeni:
– Ukuzijwayeza ukuzivocavoca, ukuhamba ngezinyawo indawo eyibanga elide kungasiza ukukhulula umzimba nomqondo.
8. Thola usizo lwabezempilo uma kungenamehluko:
– Uma yonke le mizamo ingenzi mehluko kuwena ukuqeda umzwangedwa, kungakusiza ukuthi uthole usizo lwabezempilo kusenesikhathi kungaze kwenzeke umonakalo omkhulu.