UNOBHALA-jIKELELE weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthi ukuxoxwa kodaba lokushintshwa kweKhabhinethi ngaphandle kokubazisa kuwukungabahloniphi.
UMapaila usho lokhu emcimbini wokukhumbula isishoshovu somzabalazo, uMnuz joe Slovo esingasekho, emathuneni e-Avalon eSoweto. Babeke izimbali ethuneni likaSlovo okuwuphawu lokumhlonipha.
I-SACP ingamadlelandawonye ne-ANC kodwa ihlala ikhala ngokuthi ayiphethwe ngendlela, isola uKhongolose ngokuzenzela umathanda ungayazisi lutho.
UMapaila ukhale ngokuthi uzwa uNobhala- jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ehamba ekhuluma ngoshintsho lweKhabhinethi kodwa bona kabazi lutho.
“UMbalula uthi kukhona ingxoxo ngendaba yeKhabhinethi ezoshintshwa. Asiyazi thina leyo nto.
“Yizo kanye izinto ezifana nalezi ezikhomba ukungahloniphani. Uma kuya ngokuthi indaba yamadlelandawonye kayilungiseki, cha sesivele sisithathile isinqumo thina,’’kubhoka uMapaila.
Indaba yokushintshwa kweKhabhinethi ilokhu isematheni selokhu i-ANC ibuyile engqungqutheleni yayo yokukhetha ubuholi, ebiseeNasrec ngoDisemba.
Ushintsho olwenzekile ezikhundleni zobuholi nesigungu esiphezulu yilona olungase lukhonge ukushintsha iKhabinethi.
UMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uke wakhuluma nabezindaba bembuza ngalolu daba, wathi ucela ukunikwa ithuba lokudla amathambo engqondo.