INHLANGANO yodokotela, iDoctors Without Borders (MSF), ithi umsebenzi wayo obonakale kwi-video nabebezitapela inyama elolini, eShowe, ubephoqiwe ukuthi athwale leyo nyama.
Kule video ebisabalele ezinkundleni zezokuxhumana, lo wesilisa okuthiwa ungumsebenzi wenhlangano yodokotela, obeshayela imoto ebhalwe igama lenhlangano, ubephikisana nomnikazi weloli. Bebephikisana mayelana nokuthi kungani elapho kutatshwa khona inyama, ukuthi ngabe uzokweba inyama yini nokuthi uma engayintshontshi kungani isevenini ayishayelayo?
Kuyo le video umnikazi weloli ozwakala ethetha, ufunda inombolo yemoto, ajikelezile, ekhombisa inyama esevenini.
Isitatimende esithunyelwe yile nhlangano sithe uphenyo lwesikhashana olwenziwe iDictors Without Borders, luveza ukuthi inyama ibifakwe ngabanye abantu ngenkani evenini ngoba ayinayo ikhenophi. Abebeyifakile bebephoqa umshayeli wayo ukuthi abaphathele yona kodwa wenqaba.
Kule video umnikazi weloli utshela abatapa inyama ukuthi abaqhubeke bathathe ngoba bayalamba , ebe ebashutha, abanye bayaqhubeka nokuyithatha abanye bayajika babaleke besaba ukushuthwa.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngoJanuwari-19, kodwa i-video isatshalaliswe ezinkundleni zezokuxhumana kuleli sonto.
Isitatimende esithunyelwe yiMSF sithe bakhathazekile ngalesi sigameko.
"Umshayeli obonakala kule video wayephuma kosebenza kade ehambise izinsiza zezempilo endaweni ngesikhathi senzeka. Ubikile ngokwenzekile kumphathi wakhe waphinde wabambisana namaphoyisa aphenywa ngesigameko," kusho isitatimende.
Amaphoyisa asaphenya, kanti athe lo msebenzi kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze ngalolu daba.
“Sizolinda uhlelo lwamaphoyisa mayelena nesigameko kodwa uphenyo lwangaphakathi olwenziwa ngokulandela imithetho yabasebenzi sizobe siluqhuba," kusho isitatimende. .
UMnuz Philip Aruna, weMSF eSouthern Afrika, uthe lesi sigameko abasithathi kancane ngoba singathikameza ubudlelwano abanabo nomphakathi waseKZN nabaxhasi bale nhlangano.
“I-MSF izithathela phezulu lezi zinsolo futhi izoqhubeka nokusebenzisana nabenza uphenyo oluqhubekayo ukuze kutholakale iqiniso," kusho u-Aruna.
Umnikazi wamadela (abattoir) ethintwa ngalolu daba, uthe ululekwe ngokuthi angakhulumi nabezindaba.