BASASHAQEKILE kudutshulwa kubulawaobeyisishoshovu se-IFP eMzumbe.UNksz Thembelihle Qalani, obengunobhala we-IFP Women’s Bridge kuMasipala waseMzumbe, udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngeSonto ebusuku.
Ngokusho kukaSihlalo we-IFP, Ogwini ozifikele mathupha endaweni yesigameko, uMnuz Sfundo Ngwane, batshelwe ukuthi umufi ubesanda kubuya esitolo ngesikhathi ehlaselwa.
“Uhambe wayothenga isiphuzo esibandayo esitolo sendawo. Kuthiwa uthe ebuya, wangaqale waya endlini yakhe kodwa wayongqongqoza endlini yomunye wesifazane abahlala naye egcekeni,” kusho uNgwane.
Uthi lona wesifazane ubethi uyamvulela umnyango ukuze angene uNksz Qalani, ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amaningi.
“Umufi uwele khona lapho emnyango, wathula ngaso leso sikhathi ngoba bathe noma bembiza ngegama, ubengasasabeli,” kusho uNgwane.
Uthe bathe ababonanga lutho olutheni, ngaphandle kwesithunzi somuntu abasibone siyosithela.
UNgwane uthe kulukhuni ukuthi baqagele ukuthi ngabe yini abulawelwe yona umufi ngoba ubengakaze abazise ukuthi impilo yakhe izulelwa ngamanqe.
Emchaza uthe ubengumuntu ozinikeleekusebenzeleni abantu.
“Eqenjini, ubengesabi ukubeka uvo lwakhe kanti nasemphakathini, ubehamba phambili ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane,” kusho yena.
Uveze ukuthi bese kuphele iminyaka emibili esesikhundleni sokuba wunobhala we-IFP Women’s Bridge kuMasipala waseMzumbe kanti ibisiyevile ku-20 eyilungu leqembu. Uthe umufi ungowokudabuka e-Eastern Cape.
Imizamo yokuthola umndeni ibingakaphumeleli njengoba kuthiwa usendleleni usuka e-Eastern Cape uzaKwaZulu-Natal, kulandela isigameko.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe akulula ukukhuluma ngodaba lokubulawa kosopolitiki, wenza isibonelo sokuthi neKhomishini kaMoerane yahluleka yancama ukuqhamuka nezimpendulo ngalokhu.
“Kwesinye isikhathi kuyenzeka kube wukuthi umuntu ubulewe ngabeqembu eliphikisayo, kwesinye kube yibo abaseqenjini lakhe noma kube ngubugebengu obejwayelekile, obungayamene nepolitiki,” kusho uMngomezulu.
Uthi yingakho kusemqoka ukuthi amaphoyisa enze konke okusemandleni ukuthi asheshe abambe abasolwa ukuze kuzophela ukuqagela uma kubulewe usopolitiki.
Uthe okufanele kwenziwe ngamaqembu ezepolitiki wukuthi aqale afundise amalungu awo ukuthi ukubulala umuntu umbulalela isikhundla, akuwona umqondo omuhle.
“Lowo muntu usuke enomndeni omthandayo, ozohlupheka ngandlela thile uma engasekho. Kwesinye isikhathi osuke ungazibuyiselela ngokubulawa kothandiweyo wawo. Okunye futhi abangakucabangi wukuthi njengoba usuke ubulala umuntu umbulalela isikhundla, nawe uma usukuso, bakhona abangafuna ukukubulala ngoba nabobesifuna,” kuchaza uMngomezulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseHibberdene, aphenya icala lokubulala.
Uthe ngeSonto, amaphoyisa athole umyalezo wokuthi kukhona umuntu obulewe endaweni yaseNyangwini.
“Athe uma efika endaweni yesigameko,akhonjiswe indlu ebinesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-46. Lona wesifazane ubenamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni. Okwamanje imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uGwala.
Phakathi kwabanye abaholi bepolitiki abasasanda kubulawa, kubalwa ikhansela laseMsinga, uMnuz Siyanda Magubane, elaseThekwini, uMnuz Mnqobi Victor Molife noMnuz Zakhele Khuzwayo, wakuMasipala waKwaMaphumulo.