KHETHA SANGWENI
USIHLALO omusha we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala, uthi kuseqhulwini kuyena nethimba lakhe ukungena ezindaweni zasemakhaya nasemapulazini, babuye nenkindlane yamavoti ngoba abantu bakhona bacindezelekile. UThwala, odabuka oSizweni eNewcastle, ukhethelwe kwesikasihlalo engqungqutheleni ebise-Olive Convention Centre, eThekwini.
KwesePhini likaSihlalo kungene uNksz uThobisile Nkosi, uNobhala wuMnuz Nkululeko Ngubane, iPhini likaNobhala wuNksz Hlengiwe Chiliza, kwesikaMgcinimafa wuMnuz Chuma Wakeni.
UThwala ubetholene phezulu noMnuz Vusi Khoza, obeqhoqhobele isikhundla, efuna ukubuya ngelinye ihlandla kodwa wakhala ngaphansi. UThwala ubeyiphini likaKhoza. Uthe amalungu amcele ukuba asukumele udaba lwabasemapulazini, bese bengenisa nasemakhaya.
“Kufanele sakhe izinhlaka eziqinile, singene emakhaya nasemapulazini ngoba abantu bakhona basathwele kanzima. Singene emalokishini amakhulu koMashu, Mlaza namanye amaningi. Kufanele sithole ivoti labantu abasha abasaqala ukuvota,’’ kusho uThwala othe bazolwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe konke lokhu bazokwenza ngempumelelo ngoba uyazazi ungumuntu ongawesabi umsebenzi, uyazibambela futhi akazwani nokuziphathisa okwesikhulu. UThwala uthe umsebenzi we-EFF uwazi njengoba ezazi njengoba aba yilungu layo isungulwa.
Usephathe izikhundla eziningi. Waqala esohlakeni lwesikhashana esifundeni Amajuba, wakhethwa waba wunobhala wakhona. Ngo-2016 ube yikhansela kuMasipala eNewcastle lapho ayengusotswebhu khona. Emuva kwalokho waba yiphini likasihlalo wesifunda. Ngo-2018 wakhethwa waba yiphini likasihlalo we-EFF esifundazweni.
“Wukusebenza kanzima kwami okwenze abantu bangicela ukuthi ngibahole ngibe wusihlalo. Ngihlala ngisebantwini. Ngihole imikhankaso eminingi ehlukene eqenjini. Ngasebenza eThekwini sabuya namavoti angu-174 000, sathola izihlalo ezingu-24 kumasipala,’’ kusho uThwala.
Uthe okunye abakubhekile wukuthi benze kahle okhethweni luka-2024 KwaZulu-Natal. Bazimisele ngokuqala umkhankaso wabo ngoJanuwari wonyaka ozayo, bachitheke nesifundazwe sonke. UThwala uthe basaqhubeka nomkhankaso wabo wokuthola amalungu ayisigidi esifundazweni, njengokomyalelo weqembu. Uthe bazimisele ngokuqhubeka bangenise ezikhungweni zemfundo ephakeme.