USEKHALE zoma usomabhizinisi osola umholi we-EFF obeyiphini lemeya kaMasipala eZululand, uMnuz Thulani Ndlovu, ngokubaleka noR96 000 wakhe wezindleko zomembeso athi ubemqashe kuwona ngoJulayi 9 wonyaka odlule. UNdlovu usanda kwesula esikhundleni sephini lemeya eZululand emuva kokuphela kobudlelwane phakathi weqembu lakhe ne-IFP.
UNksz Sikhululiwe Myeni, ongumnikazi we-AGT Guesthouse and Events, uthi uqashwe wuNdlovu ukuthi aphakele izihambeli futhi ahlobise umcimbi obusekhweni lakhe eBernica eVryheid. UNksz Myeni uthi uNdlovu uze wazifikela yena kuye, ezomqasha wamthembisa ukuthi uzomkhokhela zonke izindleko.
“Ngangijabule nami ukuqashwa wumuntu omkhulu, ngasebenza ngokuzimisela ngethemba lokuthi uzokhokha ngoba imali ayiyona inkinga kuye. Sengimlandele ngaze ngayeka. Angisamtholi nasocingweni lwakhe, alusangeni,’’ kusho uNksz Myeni.
Uthi uhlobise, waphakela izitatanyiswa ezingu-300, kukuhle kumnandi kudelile emcimbini.Isolezwe ngeSonto libone incwadi yohlu lwezindleko ebhalwe igama likaNdlovu nenombolo yakhe yocingo. Inombolo ebhalwe encwadini yezindleko, uma ishayelwa ingena kuyena uNdlovu, wayiphendula waxoxa nentatheli. Yiyona inombolo usomabhizinisi athe ubexhumana ngayo noNdlovu, wagcina engasamtholi kuyona ingasangeni.
Ethintwa ngalolu daba uNdlovu, uthe uyawazi umcimbi womembeso, wavuma ukuthi ubusekhweni lakhe eBernica kodwa isikweletu okukhulunywa ngaso akasazi.
“Angimazi lowo muntu. Kukhona nepolitiki la. Seningaze niphenye izindaba zami zangasese kodwa? Ngeke isebenze imizamo yokungcolisa igama lami. Ngimkweleta kanjani umuntu engingazani naye? kubuza uNdlovu. UNksz Myeni uthe uyadumala uma uNdlovu esethi akamazi kodwa noma kunjalo uyifuna iphelele imali yakhe.
Uthi uNdlovu uqale wafika ehamba nengoduso yakhe nengane, bezozwa ukudla ukuthi kunjani ngaphambi komcimbi, badla bashaya esentwala, base bemqasha bencoma ukupheka kahle kwakhe.