NKOSIKHONA CELE
UFUNA ukubona iNingizimu Afrika iyizwe elisebenzisana kakhulu nabefundisi, uMphostoli Mxolisi Phakathi oyilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal.
UMphostoli uphinde abe yilungu eliqavile le-African Transfomation Movement (ATM) eholwa uMnuz Vuyolwethu Zungula.
UMphostoli Phakathi ubekade ehlangene nabefundisi bamahlelo ehlukene muva nje, ukholwa wukuthi miningi eminye imithetho okubonakala ngeke ihambisane nabo njengamakholwa, kdwa angeke anabe ngayo.
"Kumqoka ukuthi izwe uma libuswa libonakale ukuthi linobuNkulunkulu phakathi. Yingakho sidinga ukuthi iNingizimu Afrika ibuswe ngabantu abakholelwayo kuNkulunkulu,'' usho kanje.
Uthe i-ATM ayikhulekeli ukuthi life iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC).
"Kungaba yiphutha elikhulu uma singathi kumele ife i-ANC. Iqiniso elimsulwa lithi i-ANC kayinacala kodwa ngabantu abakuyona abenza kube sengathi ifile,'' usho kanjena.
UPhakathi unxuse abefundsi ukuthi bangabi madolonzima ukuvotela i-ATM ngoba iyiqembu elibunjwe ngaphansi kwesisekelo esibeka eqhulwini uNkulunkulu uqobo.
UPhakathi usembhidlangweni wokuhambela amabandla ehlukene kulezi zinsuku ikakhulukazi iZayoni, azincomile ngendlela enhle azibonakala zimamukele ngayo.
Abefundisi ebebehambele lo mhlangano bathe kulokoza inhlansi yethemba eNingizimu Afrika uma kukhona iqembu elisabeka eqhulwini izimiso zikaNkulunkulu.