USABISA ngokuthatha izinyathelo zomthetho owayeyimeya kaMasipala waseMvoti, uMnuz Zamani Malembe, ovulelwe icala lokweba impahla yomkhandlu.
UMalembe ukhala ngokuthi kukhona abephezu komkhankaso wokungcolisa igama lakhe.
Lokhu ukusho emva kokuputshuka kombiko wekomiti lokuziphatha kwamakhansela, ophakamisa ukuthi axoshwe ebukhanseleni, futhi avulelwe necala.
Ikomiti beliphenya ngokulahleka kwempahla yasendlini yemeya yaseMvoti.
Le ndlu yayikade isetshenziswa nguMalembe ngaphambi kokuthi akhishwe esikhundleni ngoJulayi.
Umbiko wekomiti uthole ukuthi kwalahleka impahla yasendlini yenani lika-R190 000 ngesikhathi kusahlala uMalembe kule ndlu.
Umbiko obonwe yiSolezwe uveza ukuthi endlini kwalahleka amatafula, izitulo, ifriji nokunye.
Engxoxweni neSolezwe, uMalembe uthe akazange ahambe nezimpahla zomkhandlu ngesikhathi ephuma endlini.
"Mina ngaphuma nokwami kuphela. Ngabe sengishiya ukhiye kunogada. Angazi ukuthi kungani bengazibuzi kunogada lezo zimpahla. Kade ngaphuma kuleya ndlu. Bebethuleleni sonke lesi sikhathi?
Le nto iyichilo. Kungani kuthiwa ngintshontshe impahla yomkhandlu ekubeni kungekho mpahla yokwebiwa etholakale kimi? Phela ukuze kuthiwe ngebile, kufanele kube khona impahla yomkhandlu etholakale kimi."
UMalembe uthe usabheka ukuthi yiziphi izinyathelo zomthetho angazithatha.
“Phela le nto iwukungihlambalaza, kuthiwa ngebile.”
UMalembe uthe usola ukuthi lo mbiko uyindlela yokumnyundela ukuba angabe esabuyela kwesobumeya.
Kunomdonsiswano okhona kulo mkhandlu njengoba kunencwadi exosha iMeya, uMnuz Philani Mavundla noSomlomo, uMnuz Mfundo Masondo.
UMavundla noMasondo baxoshwa yiqembu labo, i-ABC.
“Mhlawumbe kukhona ababona ukuthi ngisengabuya ngibe yimeya, yingakho sebethi abangcolise igama lami.”
UMalembe uthe ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, akazange alinikezwe ithuba lokuziphendulela.
“Bangibhalela nje incwadi bengibuza ngalezi zinto. Ngabaphendula ngabatshela ukuthi angazani nazimpahla ezilahlekile. Emva kwalokho ngabe sengibona umbiko ususabalele ezinkundleni zokuxhumana, kuthiwa ngebile.”
Umbiko wekomiti uphakamisa ukuthi uMasondo abhalele uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, emazise ngokuxoshwa kukaMalembe.
Kungokwesibili umkhandlu uzama ukuxosha uMalembe njengoba yena namanye amakhansela e-IFP eke axoshelwa izinsolo zokulova emihlanganweni yomkhandlu, kepha ukuxoshwa kwabo kwachithwa yinkantolo.