OWAYENGUMDLALI waMaZulu FC, usephila ngokudayisa umzimba futhi ujatshuliswa wukuba nekhono lokukwazi ukulala nabesilisa nabesifazane.
USiya Mbatha (28) uthi ukungahambi kahle kwezinto ebholeni kuholele ekutheni agcine esedayisa ngomzimba. Uthe ukukhuluma ngempilo yakhe nokwenza umsebenzi akuwo yinto angayisabi ngoba yiwona owamtakula esefuna nokuzibulala ngesikhathi izinto zingahlangani.
“Ngangingomunye wabadlali baMaZulu FC ababebukeka bezoba nekusasa eliqhakazile ebholeni. Nganginekhono ukudlula abanye ozakwethu, abagcina sebedlalela amanye amaqembu amakhulu, mina ngangaba nayo inhlanhla.
“Ngaze ngawashiya ngaya kwiMaritzburg United, ngabuye ngadlulela kwiHighlands Park kodwa akulunganga. KuMazulu izinto zazithembisa njengoba ngangibuye ngijime neqembu lokuqala lawo kodwa kwagcina kungalunganga,” kusho uSiya.
Owayengumqeqeshi omkhulu eqenjini elincane kuMaZulu FC, uSteve Bezuidenhout, ukuqinisekisile ukuthi uSiya wayedlalela leli qembu eminyakeni emihlanu edlule.
Eqhuba uSiya, uthe ngokungalungi kwezinto ebholeni, waliyeka wagcina esehlangana nabangani abangalungile waze waboshelwa icala lokudlwengula angalenzanga, wadedelwa emva kwezinyanga eziyisithupha.
“Ngenxa yokuthi kwakungenamsebenzi engangiwenza ngagcina ngihehwe wukubona umngani wami wesilisa ongasekho owayedansela abesifazane enqunu ezindaweni zobumnandi.
“Ngathi uma ngikhuluma naye kwiFacebook, sahlela ukuhlangana. Wangifundisa ukwenza lo msebenzi. Ngenhlanhla kwaba yiwona owenzeka waba yimpumelelo. Okwaholela ekutheni ngigcine sengidayisa nangomzimba wukuthi umngani wami wabona ubuntu bami bunamaqhuqhuva, ngesikhathi sishintsha silungisela ukuyodansa, wathi angidayise nangomzimba ukuze ngenze imali eningi," usho kanje.
Uthe ukuba nobuntu obunamaqhuqhuva wakwenza ngesikhathi esejele. Uthe nakhona wayeyalelwe ngabanye ayeboshwe nabo ukuthi akayifake ubuhlalu induku yakhe. Bathi ukuze akwazi ukujabulisa intombi yakhe uma esephumile ejele ngoba kungenzeka ukuthi isiqomile, kumele ayizwise into ehlukile uma esebuya, ukuze yale umuntu ebisimqomile.
Eqhuba uthe kwavele kwaba lula ukungena emsebenzini wokudayisa ngomzimba futhi wathola ukuthi ukwazi ukulala nabesilisa nabesifazane. Uthe indoda ukwazi ukuyiphendula njengomuntu wesifazane ocansini, ihambe ijabule.
Uthe ngo-Agasti uzobe ehlanganisa iminyaka emithathu edayisa ngomzimba futhi nomndeni wakhe ukwamukele ukusebenza kwakhe. Uveze ukuthi njengoba ephila ngawo akusho ukuthi akazimisele ngalutho empilweni njengoba enengoduso, azogcina eyenze inkosikazi.
Uthe iyazi ngomsebenzi wakhe. Uveze nokuthi akaziboni enza omunye umsebenzi ngaphandle kwawenzayo njengoba kuyiwona owamtakula esebunzimeni.
Uthe usedayisela ngisho nezivakashi zakwamanye amazwe ezize eNingizimu Afrika futhi wenza imali eshisiwe ngawo.Uthe emsebenzini wakhe ubizwa ngoSiya Entertainer, ukhona nakuzona zonke izinkundla zokuxhumana.