ISITSHUDENI seMaster’s yeBusiness Administration eDurban University of Technology (DUT), singenele umncintiswano wokumodela uMr Supranational 2023, osibeka ethubeni elihle lokuyomela iNingizimu Afrika, ePoland, phakathi nonyaka.
Lowo wuNkululeko Mbatha (28), wasoLundi, osohlwini lwezinsizwa eziwu-19 okuzohlungwa kuzo abawu-10 abazoqhuthana amazenze ngokumodela, bese onqoba lapho emela leli zwe phesheya kwezilwandle.
Exoxa neSolezwe ngalo mncintiswano, uthe okwenza ajabule kakhulu ngokuba yingxenye yawo, ukuthi ukuwunqoba kwakhe kungenza kube nguye okhombisa abantu ukuthi imikhakha enjengalo akuyona eyabesifazane kuphela, kodwa ivuleleke kubo bonke ubulili.
“Umkhakha wokumodela usathathwa njengowabesifazane kuphela, okuyinto engeyinhle ngoba bakhona nabesilisa abakuwona, nabenza izinto ezinhle emphakathini ngawo.
“Ngakho nginxusa abantu ukungivotela ukuze ngibe sethubeni elihle lokudlulela esigabeni sabawu-10 bokugcina, nokuzongikhuthaza ukuzimisela ngokuphindiwe kusona ukuze kube yimi omela iNingizimu Afrika ePoland,” kuchaza uNkululeko.
Ukumvotela ungena kwi-website ethi: www.webtickets.co.za - ubhale uthi: Mister Supranational South Africa 2023 Semi Finalists, bese uvotela unombolo 11 nganoma yimalini. Ukuvota kuvalwa ngoMashi 15.
Abadlulele esigabeni sabawu-10 bokugcina, bazomenyezelwa ngo-Ephreli 18, eSandton, bese bencintisana ngo-Ephreli 23, endaweni efanayo, oyowina lapho amele iNingizimu Afrika ePoland - encintisana nabakwamanye amazwe omhlaba.