KULOKHU le ngosi ikulethela umculi wamapiano osezakhele ugazi negama elikhulu kubathandi bomculo baseNingizimu Afrika. Udume kakhulu ngelikaLady Du kodwa igama lakhe langempela nguDuduzile Ngwenya. UNKOSIKHONA CELE uxoxisane naye kabanzi ngezindaba zeNkolo.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona uma likhona yiliphi futhi yiziphi izimfundiso ozithandayo ngalo?
DN: Mina ngiyilungu lokuqina lebandla i-Acts of Faith Ministries, kuningi okuhle engikuthandayo ngalo.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kuwena usho ukuthini umkhuleko?
DN:Ngikholwa ukuthi umkhuleko unamandla enele okuthi ungenzele konke engikufisayo empilweni yami.
NC: Ngabe sikhona isimo owake wabhekana naso empilweni yakho uma sikhona yisiphi futhi kwakwenze njani?
DN: Ziningi kakhulu izimo ezinzima engike ngabheka nazo empilweni yami. Ngo-2021 ngigule kakhulu ngaze ngacishe ngafa. Kodwa uNkulunkulu emuhle namanje ngisaphila ngiyambonga kakhulu ngalokho.
NC: Uma ubheka impilo yakho ngeso elijulile kakhulu, ngabe yiziphi izinto onazo ezikwenza ukuthi umbonge uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi?
DN: Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuthi ungibusise ngenqwaba yezimoto kanye nemizi. Lokho kukodwa ngikubona kukukhulu kakhulu. Okwesibili ngiyambonga ngesiphiwo sami somculo okuyisona esidala ukuthi ngikwazi ukuphila impilo engcono.
NC: Eminyakeni emihlanu kumbe ke eyishumi ezayo yini le eyodwa ebalulekile kakhulu okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo futhi leyonto isho ukuthini kweyakho impilo?
DN: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu aqhubeke angigcine futhi eminyakeni ezayo nomculo wami ubonakale udlondlobala kakhulu kunakuqala.
NC: Kodwa ke ngabe uyakholelwa kokulotshwe ebhayibhelini?
DN: Ngiyakholelwa kakhulu, ngithanda incwadi etholakala kuJeremiya 11 vs 29 ekhuluma ngokuthi uNkulunkulu unezinhlelo ezinhle ngathi. Le ncwadi njalo uma ngiyifunda inginikeza ithemba ngempilo engcono.