KUVELE ukuthi izintatheli nalabo ababhekelele ezokuphepha kukaMengameli Cyril Ramaphosa ngeke bakwazi ukuphelezela umengameli, njengoba namhlanje elibhekise eSt Petersburg, eRussia, ukuyohlangana nomengameli wakuleli lizwe, uMnuz Vladimir Putin.
Kuthiwa lezi zintatheli nabezokuphepha abayitholanga imvume, lokho okusho ukuthi kuzomele babuyele eNingizimu Afrika.
Babenenkinga ngisho yokwehla ebhanoyini ngesikhathi befika ePoland, iziphathimandla zakhona zibanqabela ukwehla, zikhala ngezikhali abaziphethe ezingavumelekile kuleli lizwe lasePoland.
Kuzokhumbuleka ukuthi omengameli bakuleli lizwekazi i-Afrika bahambele e-Ukraine nase Russia, ngemizamo yokudala uxolo kuphele nempi ephakathi kwalamazwe amabili.
Izolo uMnuz Cyril Ramaphosa ongumengameli waseNingizimu Afrika, owaseEgypt, Uganda, Zambia, Senegal nabanye bebenomhlangano noMengameli wase-Ukraine, uVolodymyr Zelenskyy ngayo imizamo yokudala uxolo, kodwa akuhambanga kahle, yize ebalalelile kodwa ushaye phansi ngonyawo wathi iRussia kumele iphume iphele e-Ukraine ngaphambi kokuthi kukhulunywe ngoxolo.
Njengoba beya eRussia namhlanje banethemba lokuthi uPutin uzobalalela futhi akwenze abakucelayo. Okugqamile ukuthi lempi ayigcini ngokuphazamisa ukuthula kulamazwe alwayo kuphela kodwa kuphazamiseka namanye amazwe kanjalo nobudlelwano anabo.
Kwazise kunamazwe amakhulu anjengo Melika aseka i-Ukraine kuphinde kube namanye amakhulu afana noChina aseka iRussia.