AKHALA ngokubhuqwabhuqwa yindlala, ukungakhelwa izindlu nemifundaze amasosha ayelwa nenqubo kahulumeni wobandlululo.
Omakadebona abangaphansi kwezinhlangano ezahlukene zepolitiki, banxuse uhulumeni wakuleli ukuba asheshise ngokuwahlinzekela ngezidingo abazithenjiswa.
Lokhu bakudalule izolo ngesikhathi behlangene nephini likamengameli, uMnuz David Mabuza, eThekwini.
Amalungu ezinhlangano ezimbalwa okubalwa uMkhonto weSizwe, Apla ne-Azanla, akhononda ngokunganakwa nguhulumeni wakuleli. Athe iningi lomakadebona lifa lihlupheka ngenxa yokunganakwa. Phakathi kwezinto abakhala ngazo kubalwa izindlu, imisebenzi nemifundaze yezingane zabo.
UMnuz Nhlanhla Lamula, uthe sekuphele isikhathi eside bathenjiswa izindlu. Wathi uhlelo lokwakhelwa izindlu kwakufanele luqale ngo-2014 kepha kuze kube yimanje alukaze luqale. Uthe usenemidlinzo yokuthi imali yokwakhiwa kwezindlu, yehliswa ngemilenze.
“Kunomfowethu owayesisiza. Wafika nabanye ngo-2014 bezobheka udaba lokwakhiwa kwezindlu. Babuya nango-2015 nango-2016, kodwa akuzange kuqalwe ukwakhiwa kwezindlu. Sewaze wadlula emhlabeni lowo mfowethu owayesilekelela. Ngifuna kubhekwe ukuthi ngubani osephethe uhlelo lokwakhiwa kwalezi zindlu. Imali yazo yaphuma?” kubuza uLamula.
Uqhube wathi kumanje bahleli ezindlini ezingekho esimweni esifanele ngoba basalindile. Omunye umakadebona uMnuz Sifiso Mkhize, ukhale ngokuthi uhulumeni uyehluleka ukufeza isethembiso sokufundisa izingane zomakadebona.
UMkhize uthe uhulumeni akazikhokhele izingane zabo ezikoleni.
“Njengamanje izingane zitshelwa ukuthi ngeke ziyithole imiphumela yazo. Uma sithi siyazama ukulandelelela, uhulumeni usisa le, nale,” kukhalaza uMkhize.
Ephendula ngemva kokuzwa izikhalazo uMabuza uthe, ukuhlinzekelwa ngezidingo komakadebona kubanjezelwa wukuthi lushaya ngolonwabu uhlelo lokuqinisekiswa kwabo, ukuthi bayiwo ngempela yini amasosha ayelwa nohulumeni wobandlululo. Wathi utshelwe ukuthi uhlelo lokuqinisekiswa komakadebona lubanjezelwa wubuhixihixi thizeni.
Uphawule kanje uMabuza: “Namhlanje ngifuna buqedwe lobo buhixihixi. Ngifuna ngoMsombuluko abantu baqale ukusebenza.”
UMabuza uqhube wathi sebenqume ukuthi bahlinzekelwe ngezidingo nalabo abangakaqinisekiswa ukuthi bangomakadebona.
“Uhlelo lokuqinisekisa luyabambezela. Kukhona abasala endleleni ngenxa yokuthi uhlelo lokuqinisekiswa kwenu alukaphothulwa..”
UMabuza uthe bazimisele ngokuxazulula izinkinga ezibhekene nomakadebona. Wathi omakadebona badlala indima ebalulekile ngesikhathi elakuleli lilwela inkululeko.