LOLU usuku lokugcina lokuthi lowo oke wahola iDemocratic Alliance, e-Eastern Cape, uMnuz Nqaba Bhanga aziphendulele kuleli qembu ngombiko asanda kuwubhala ezinkundleni zokuxhumana, oshiye amaningi amalungu aleli qembu eshaqekile.
UBanga ubhale kuTwitter wakhe ethi lowo onguSihlalo weFederal Council yaleli qembu, uNkk Helen Zille ungumbandlululi. Lokhu akuyiphathanga kahle iDA, ekhale ngokuthi kudala imvikela uBanga futhi kuyayimangaza akushoyo nanokuthi ayazi ukuthi ukusho ngaziphi izizathu.
Leli qembu libe seliyalela leli lungu layo ukuthi kuzomele lichaze ukuthi kungani leli qembu kumele lingamumisi njengelungu.
UBanga ubengakophenduli kanti lomnqamulajuqu abekelwe wona uphela namhlanje.
Okuphawulekile ukuthi uZille selokhu athatha lesi sikhundla baningi abaholi abamnyama abavele balishiya phansi kanti naye kunezinkulumo esezike zavusa uhlevane ake azithumela ezinkundleni zokuxhumana.
UBanga angase aqondiswe ubugwegwe noma axoshwe kuleli qembu.
Khonamanjalo okhulumela i-Cope kuzwelonke, uMnuz Dennis Bloem, ucelwe yiqembu lakhe ukuthi abhale incwadi echazayo ukuthi kungani kumele angaxoshwa kuleli qembu. Kuzokhumbuleka ukuthi uBloem ubehambisana noMnuz Willie Madisha osekhonjwe indlela njengePhini likaMengameli weCope ukuthi kuchithwe uMengameli waleli qembu uMnuz Mosiuoa Lekota.