UKUBHOKA kwegciwane leCOVID-19 kumnike ithuba lokuqhamuka namasu amasha okwenza umcimbi wokubhunga ngezinkinga zothando ubuye nokwehlukile emva kweminyaka emithathu wagcina ukwenziwa.
UNksz Noluthando Chisane (29) waKwaNdengezi, wenkampani yemikhiqizo yezobuhle, Uthando Glow Skin Care, ukhuza ibuya nomcimbi, iYoung Women in Relationships, agcine ukuwenza ngo-2019.
Echaza ngowalo nyaka ozoba seBlue Waters Hotel, eThekwini, ngoFebhuwari 25, uthe uzovuleleka nakwabesilisa njengoba awuqala ngenhloso yokucebisa abesifazane kuphela ngezinkinga zasothandweni.
“Kowalo nyaka kuzosizakala nabantu besilisa njengoba ngizogaba ngezikhulumi zabantu besilisa ezizokwenza kube lula ukuqonda okudingwa ngamadoda othandweni.
“Ngizophinde ngivumele abantu besilisa abazobe bekulo mcimbi ukubhoboka ngakho konke okubahluphayo othandweni. Ngokubambisana izikhulumi zosuku zizobacobelela ngamasu okubasiza,” kuchaza uNksz Chisane.
Phakathi kwezikhulumi eseziqinisekisiwe wumbhali wezincwadi, uMnuz Lungisani ‘Vundlasi’ Mavundla, Mlekeleli ‘Impunga Yesintu’ Mbanjwa, Silibongile Mazibuko, Apostle Stricker Shange, wumculi wowokholo, uJumbo, noPaul Nzimande ozobe ephethe uhlelo.
“Ngaphandle kokuthinta izinkinga zothando, kuzophinde kufundiswe izethameli ngobumqoka bokuzithanda kuqala, ngaphambi kokulindela ukuthandwa ngabanye abantu.
“Lokho ngikwenza ngoba ngikholelwa ekutheni konke kuqala kuwe ngaphambi kokulindela izinto ezithile kwabanye abantu,” kuchaza uNksz Chisane.