UMBUSO ushayelele isipikili sokugcina ecaleni lendoda esolwa ngokungqongqisa ngopharafini ibulale unina wengane yayo.
UMnuz Khumbulani Comfort Mngoma (34) ubhekene namacala amane okukhona kuwona awokushaya ngenhloso yokulimaza, elokusabisa nelokubulala okuhleliwe uMbalenhle Angela Dlamini.
UMshushishi, u-Advocate Nadira Moosa, wenze izethulo zokugcina enekela iNkantolo eNkulu yaseThekwini amahlazo okusolakala ukuthi enziwa nguMngoma.
UMbuso uncike kakhulu ebufakazini obethulwa yindodana kamufi eneminyaka eyishumi okuthiwa yayibukele endlini engqongqiswa ngopharafini, e-Aukland, eMariannhill, ngoNovemba 2021.
U-Adv Moosa uthe ebufakazini obethulwa yingane eyayineminyaka eyisithupha ngaleso sikhathi, uMngoma wabhunyela umufi ngopharafini ekhanda.
Kuthiwa ngesikhathi umufi esexhoshwa upharafini wabaleka, esuka egumbini lokuphumula eya kwelokulala, eyofuna into ayezozisula ngayo.
Kuthiwa ngaleso sikhathi uMngoma wasale wokhela uthi lukamentshisi walulahla phansi, lapho okwakukade kuconsa khona upharafini, umlilo wokheleka ulandela umufi.
Ekugcineni umshushisi uthe uMngoma waqhwiza uthi olulodwa lukamentshisi wase elujikijela kuyena umufi emzimbeni, wavele wavutha.
“Isenzo sikaMngoma siveza ukuthi wayenolwazi lokuthi ayekwenza kunobungozi yingakho uMbuso uthi wayekuhlelile ukubulala umufi owayenamasonto angu-24 ekhulelwe,’’ kuchaza umshushisi.
Umshushisi uveze nokuthi umufi nomntwana owayethula ubufakazi base bephenduke ukudla kwenduku kangangoba waze wayofuna incwadi yesivimbelo emaphoyiseni ngoMashi 2021.
Kuthiwa uMngoma wake washaya ngobuso odongeni le ngane yaphuma igazi ngamakhala nangomlomo, yaphuma nezinyo.
UMbuso usola ukuthi uMngoma wadla phansi emuva kokungqongqisa umufi kodwa waboshwa ngoNovemba 28, 2021 sekudlule izinsuku ezingu-14 efunwa engatholakali njengoba aze aboshwa eseqube ezihlotsheni eMlaza.
Ngakolunye uhlangothi ummeli kaMngoma, uMnuz Thiagaraj Prem Pillay, uthe uMbuso uhlulekile ukuvezela inkantolo imbangela yokushona kukamufi.
Uthe ngaphambi kwalesi sehlakalo uMngoma wayekade ephuza utshwala nomngani wakhe ngakho wayedakiwe.
UPillay uhambe ebufakazini obethulwe nguMngoma bokuthi akazange amngqongqise ngopharafini umufi kodwa wamjikijela ngesitofu esivuthayo ngoba wayecasukile emuva kwengxabano ababenayo eyayishubile.
UMngoma usanda kutshela inkantolo ukuthi umufi wayehlezi emsola ngokuthi uyamjolela futhi umphakamisela isandla kuqala kangangoba wayeseke wamgwaza esiswini waphinde wamshisa ngetiye isitho sakhe sangesese.
IJaji ZP Nkosi lithe lisadinga ukunikezwa isikhashana ukuze licubungulisise ubufakazi elethulelwe bona, laveza nokuthi isigwebo lizosiwisa kulona leli sonto.
“Kumele ngibuqaphelisise ubufakazi obethuliwe, ikakhulukazi ngokube yiyona mbangela eyaholela ekudluleni emhlabeni kukamufi,’’ kusho ijaji.