KUVUNGAME abaningienkantolo ngesikhathi kuvela ukuthi owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, waba nobudlelwane bezothando obabufaka phakathi ucansi noZandie Khumalo ongudadewabo kaKelly Khumalo (ongunina wengane yakhe uMeyiwa).
Lokhu kuvezwe ngummeli wabasolwa, owokuqala kuyakowesine, u-Adv TT Thobane, ngesikhathi epheka ngemibuzo ufakazi osebhokisini lofakazi kulezi zinsuku, uMnuz Tumelo Madlala, owayengumngani omkhulu kaMeyiwa.
Ngesikhathi eveza lokhu, uThobane uthe kusazovela kahle phambi kwenkantolo uma sekuza ufakazi othile ozofakaza ngakho.
“Ngenxa yokuthi uKelly wayehamba isikhathi eside, uSenzo wagcina eseba nobudlelwano bezothando noZandie, wagcina eselala naye,” kusho uThobane.
UMadlala uphendule wathi: “Ngeke ngiphike, ngeke ngivume ngoba uMeyiwa wayewathanda amantombazane.”
Kamuva uThobane, ngesikhathi echaza ngokwenzeka endlini, uthe ufuna ukumtshela uMadlala ukuthi udaba lobudlelwane bezothando obabuphakathi kukaZandie noMeyiwa yibo obenza uLongwe Twala wafika kwaKhumalo wasusa umsindo. UMadlala uphendule ngelithi amanga lawa ashiwo nguThobane.
“Akukho msindo owasuswa nguLongwe ngesikhathi efika kubo kaKelly,” kusho uMadlala.
KwiFacebook, uRamo Queen Ree uthe: “Manje uSenzo wayegangela inkosikazi yakhe ngokuthi abe nentombi, emva kwalokho wagangela intombi nodadewabo (wentombi)? Isiyawenza-ke umqondo le nto ukuthi kungani uLongwe wenza kanje emva kokuthi ethole ngalokhu. USenzo isitaringi, uganga nentombi nodadewabo.”
UTshipata Pfunzo uthe: “Manje sekuyawenza umqondo. ULongwe kungenzeka ukuthi wadubula uSenzo ngoba wayenobudlelwano nentombi yakhe.”
Kuningi uThobane akushilo athe kusazovela ebufakazini obuzokwethulwa ngufakaziosazoza ngaphambili, okuningi kwakho uMadlala abekuphika athi akakwazi noma athi kungamanga.
Uphinde waveza ukuthi kunomshwalense wempilo owathathwa nguKelly noMeyiwa ngokubambisana ukhave uMeyiwa nathe uKelly wayezohlomula kuwo uma kuba khona okwenzekayo kuMeyiwa.
Ngale kwalokho uThobane usole uMadlala ngokuba ngufakazi okhokhelwe noqeqeshiwe ukuthi afike athini phambi kwenkantolo kodwa uMadlala uzichithile lezi zinsolo ezenziwe nguThobane.
Ngaphambi kwalokho uThobane uveze ukuthi uMadlala wafika eGoli ngoLwesine (Septhemba 8), hhayi ngoMsombuluko (Septhemba 12) njengoba uMbuso ushilo.
Uthe yilesi sizathu esenze ukuthi bengabameli babasolwa bacele ukuthi uMadlala alethe ngaphambili ithikithi lakhe lebhanoyi ukuze liveze usuku lwangempela afika ngalo eGoli.
UMadlala, othe ithikithi ulishiye lapho ehleli khona okwalezi zinsuku njengoba ezofakaza (yize ayeyalelwe ukuthi afike nalo izolo), uphinde wayalelwa ukuba aliphathe namuhla, nathe akanankinga yokukwenza uma nje ezolikhombisa ijaji ithikithi.
Bekubuye kube khona ukuphakama komoya kuMadlala nokuholele ekutheni uThobane amyalele ukuthi akaziphathe ngendlela efanele.
Ngaphambi kokuqala kwecala, kuvele ukuthi kufike loyo owayengummeli wabasolwa abane kuleli cala, u-Adv Malesela Teffo, okuthiwa ubefuna ukubona ijaji ngodli. Kuthiwa uthe uze ngokuthunywa yimindeni yabantu abebamele. UThobane uveze ukuthi usexhumene nemindeni yabasolwa, ephikile ukuthi imthumile uTeffo ukuthi eze enkantolo.
UTeffo wakulaxaza ukumela abasolwa abane kuleli cala, ethi ijaji alimphethe kahle.
Leli cala liyaqhubeka