UZONGCWATSHWA ngeSonto lapho edabuka khona eHarding, obengumsakazi woKhozi FM, u-Irvin Sihlophe, oshone ngoLwesine, ngemuva kokugula.
USihlophe ushonele esibhedlela eThekwini, lapho engeniswe khona ehlaselwe yisifo sohlangothi okuthiwa simphindile esekhona kwagcina kumenele.
Okhulumela umndeni, uLucky Nkosi, uthe yize amalungiselelo engakaphothulwa kodwa usuku lomngcwabo sebenalo okunguNovemba 19.
“Asikakaqedi ngoba sibona umsebenzi ufuna ukuba mkhulu. Sizama ukuwuhlela ngendlela yokuthi ukwazi ukubathatha bonke abantu nokwenza ube mkhulu. Kumele sithole indawo enkulu njengenkundla yezemidlalo,” kusho uLucky obesebenza noSihlophe emsakazweni.
Uthe bazohlangana namhlanje babheke ukuthi sebehambe bagcina kuphi namalungiselelo futhi cishe kuyoshaya uLwesithathu sekuphothuliwe.
“Ukuthi obani abezayo, asikakakukhulumi. Sizama ukubuka izindleko zokuthi abangcwabi bafuna malini, itende elikhulu liyimalini nokunye.”
Uthe ubuhlungu bokudlula kukaSihlophe abuziwa ngumndeni kuphela kodwa kuthinteke abantu abaningi.
“Ubuhlungu esibuzwayo awubazi bungakanani, ikakhulukazi mina ebengisondelene naye. Uze wathi uma ehamba umndeni kumele ulalele mina. Nabo bafike basho njalo ukuthi wabatshela. Ngihanjelwe ngumfowethu. Kozakwethu awusazi singakanani isililo, baze bathi abalali nakahle ebusuku, akwamukeleki. Bekunguyena yedwa umuntu wesilisa ekhaya, kunguye owondlayo, ungacabanga-ke ukuthi isimo sinjani.”
UPastor Mjosty obehlela noSihlophe umcimbi waminyaka yonke wePhasika, Uvukile Gospel Festival, uthe akakakholwa namanje ukuthi akasekho.
“Ngathi kuzothiwa kuyadlalwa. Sisebenze kamnandi naye. SiwuVukile silahlekelwe kakhulu,” kusho uMjosty othe basazophinde bakhiphe isitatimende ngokuhamba kwesikhathi.
Umhleli wemicimbi i-Drakensberg Extravaganza ne-Last Dance Music Festival, uSipho Ndaba, esitatimendeni uthe uSihlophe wamsiza kakhulu engena ekuhleleni imicimbi.
Uthe ubemeseka ngesikhathi eqala i-Last Dance kusuka ngo-2010, esebenzisa ulwazi lwakhe embonini yezobuciko.
“Ushona nje, silungiselela ukusingatha i-Drakensberg Extravaganza eBergville kusuka ngoNovemba 23 kuya kuDisemba 3, lapho ebeyilungu lethimba elihlelayo, eyimenenja yesiteji aphinde abe ngumphathi wohlelo nokuyinto abeyenza nakwi-Last Dance.
“Ubengumngani, umfowethu nomuntu ebengimethemba ekuxoxeni naye uma ngidlula ebunzimeni esibhekana nabo kulo mkhakha wethu wokuhlela imicimbi,” kusho uSipho.