KUZOQOPHEKA umlando eMkhosini waseSandlwana wakulo nyaka njengoba iSilo samaBandla uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sikhiphe umyalelo wokuba kubuthwe intsha esencane.
Leli kuzokube kuyibutho lokuqala elizobuthwa kusukela iSilo sangena esihlalweni.
Izinhlelo zokubuthwa kwentsha zithulwe abaNtwana basendlunkulu ngesikhathi kunomhlangano wokulungiselela umkhosi.
Umhlangano ubusemahhovisi kaMasipala wesifunda uMzinyathi.
Abantwana baveze ukuthi uMkhosi wakulo nyaka uzokube uhlobe ngebutho elincane.
Umkhosi uzokuba ngoJanuwari, 27, eNquthu.
Abantwana baseNdlunkulu abebeholwa abakwaMinyamanzi, uSimphiwe noVanana, bathe leli butho labafana abasebancane lizokhuliswa, lifundiswe indlela yokuphila, ngaphambi kokuthi liqale lingene ebuthweni leSilo.
UMntwana uSimphiwe, omele iSilo endlini yobuholi bomdabu, uthe oNgangezwe ukhathazekile ngabafana abancane abawuvanzi, abangazi lutho ngesintu.
“Iningi labo likhuliswa ngomama ngabodwana noma bephuma endleleni angabi khona owesilisa ozobaqondisa abafake endleleni. Ebuthweni sikholwa ukuthi bazofundiseka bakhuliseke ngendlela efanele," kubeka uMntwana Simphiwe.
Imeya kaMasipala wesifunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ithe bakujabulele ukunyathela kwabeSilo kulo masipala nezindaba abaziphethe.
“Lokhu iSilo esikubekayo kokubuthwa kwabafana siyakujabulela kakhulu. Siwumasipala siyaziqhenya ngokuba nale ndawo yaseSandlwana endaweni yethu esifisa uhulumeni ayenze ibe iWorld Heritage Site.
“Kulo nyaka besifisa nokuthi kube nomkhuleko kuyo ngaphambi komkhosi njengoba ngonyaka odlule sahlangana eShiyane. Siyaqinisekisa ukuthi sizoqhubeka nalo mkhosi oyifagugu kithi njengoba kwaqopheka umlando omkhulu uZulu enqoba abantu bephethe izibhamu ngeklwa.
Inkosi yesizwe sakwaMazibuko eSandlwana, inkosi Mbhekiseni Mazibuko, ebingxenye yalo mhlangano, ithe ngokwayo abasakwazi ukulinda ukwamukela uNgangezwe lakhe eSandlwana.