INKULU inkulumo mpikiswano ekhona kwabesifazane mayelana nokugqokwa nokungagqokwa kwamaphenti.
Abanye sebakwenza kwaba wumkhuba wabo nje ukuthi iphenti baligqoka kuphela ngaleso sikhathi senyanga, kungenjalo akukho lutho olubahlanganisa nephenti.
Odokotela bathi ayikho into embi ngokungaligqoki iphenti, kunalokho kuningi owesifazane ongaligqokile iphenti angakuzuza. Bathi njengoba sekuyisikhathi sonyaka lapho abesifazane abaningi begqoka khona izingubo ezishayisa umoya, baningi asebezoqala bathuntuthe izimpahla zangaphansi eziqinile nezibamba umzimba, ngenhloso yokuthi izingubo zabo ezilula zingavezi lutho ngaphansi okanye zibukeke zime kahle emizimbeni yabo.
Baxwayisa lama besifaza ne ngokuthi baziyeke lezi zingubo zangaphansi ezingonamathela, eziqoqa umzimba. Bathi ukufudumala ezikuletha enkomeni kunengozi enkulu nezinkinga ezingadalela owesifazane isicefe esingenasidingo.
Bathi okungenani abesifazane abalungise imizimba yabo, bajime ukuze bangabi nezinyama abasaba ukuthi zizoputshuka uma sebegqoke okubakhululayo njengezingubo zasehlobo. Kunalokho babala izinto ezinhle abathi zenziwa wukungadilozi kwabesifazane.
Nazi ezinye abazibalayo:
Umoya ushaya kamnandi
- Isitho sangasese siyakudingwa ukushaywa wumoya, kuvikela amagciwane. Ukungadilozi kwenza ukuthi umoya ushaye kahle, isitho sihlale sisesimweni esifanele, kodwa baxwayisa abesifazane abangadilozile ukuthi bangahambe behlala phansi noma kuphi ngoba lokho kuyingozi.
Izifo ezidalwa ngamagciwane ziyabaleka
-Ukugqoka iphenti okungenzeka uthi uyalikhumula uchama ethoyilethi lomphakathi, lisukume namagciwane bese ulinameka esithweni sangasese, kungenzeka uzithole usugula. Kanti uma ungaligqokile, usukuma wesule umchamo uzihambele.
Uhlobo lwamaphenti
Inqwaba yabesifazane igqoka uhlobo olungafanele lwamaphenti. Ngokodokotela, amaphenti alungile ngakhiwe ngokotini kuphela. Lawa ahambisana nemfashini awosilika nezinye izindwangu, awakhuthazwa ngoba enza kungabi lula ukungena komoya enkomeni.
Kwabazivocavoyo
-Ukugqoka iphenti ngesikhathi uzivocavoca bathi akulungile neze. Umjuluko ohambisana nokushukeka kwephenti nosuke ukugqokele ukujima, kungenza omkhulu umonakalo esikhumbeni esithambile esiqaqele inkomo.
Ungagcina ususikeka noma uhlaselwe okubizwa ngeYeast Infection ngenxa yokushisa nokushukana okwedlulele.
Odokotela bathi kungcono owesifazane ojimayo agqoke asuke ezivocavoca ngakho ayeke iphenti.
Ocansini
-Yize bungekho ubufakazi obanele balokhu kodwa ikhona inkolelo kwabanye odokotela yokuthi owesifazane ongaligqoki iphenti uvamise ukulungela kahle ucansi ekupheleni kosuku.
Ukushukana kwamathanga nokuthinteka okuncane kwezinyamana zenkomo kongadilozile, bathi kuyenzeka kuwuvuse kahle umuzwa wocansi.
Nokho odokotela bathi luningi ucwaningo okusamele lwenziwe ukuqinisekisa le nkolelo.
* Olunye ulwazi lucashunwe ku-www.women’shealth.com