UGWETSHWE odilikajele abathathu neminyaka engu-60 ngaphezulu umlisa olahlwe wuxhaxha lwamacala kubalwa nelokubulala ikhansela le-ANC laseMlaza uMnuz Sibusiso David Maphumulo owabulawa ngo-2018. UNkosingiphile Gumede (39) ugwetshwe eNkantolo eNkulu, eThekwini izolo.
UGumede ugwetshwe ngamacala amathathu okubulala wathola odilikajele ecaleni ngalinye. Elokuqala elokubulala uMaphumulo ngo-2018 eMlaza lapho amdubula khona kubo. Ngesikhathi uMaphumulo ebulawa umkakhe wayekhulelwe sekusondele ukuthi abelethe.
Elesibili elokubulala uMnuz Lungelo Given Hadebe owayemphanga imali engu-R 20 000 ezitolo eBridge City, eThekwini ngawo u-2018 bephuma ebhange.
Elesithathu kube elokubulala uMnuz Sanele Samuel Sanga amdubula eMalende, KwaDukuza ngoMeyi 2019. Elesine yicala lokuzama ukubulala uNkk Rosetta Sithole owayehamba nomufi uHadebe. UNkk Sithole wadubuleka emlenzeni wasinda kodwa yathathwa imali ababezolungisa ngayo umuzi.
Icala lesihlanu elokuphatha isibhamu esingekho emthethweni agwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngalo. Elesithupha elokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni wagwetshwa iminyaka engu-15 kulona. Elesikhombisa yicala lokubamba inkunzi elimgwebe iminyaka engu-15 ejele.
IJaji uM Reddy lethula isigwebo lithe uGumede uzozidonsa kanye kanye zonke izigwebo. IJaji uReddy ukhale ngokuthi ukubulawa kukaMaphumulo kuyamaniswa nezepolitiki ngoba umufi wayeyikhansela. Ijaji lithe ukubulawa kosopolitiki kudla lubi ikakhulukazi KwaZulu-Natal.
IJaji liqhubekile lathi ukubulawa kosopolitiki kufanele kunqandwe ngayo yonke indlela ngoba kubeka engcupheni intando yabantu elwelwe kanzima.
iJaji liphinde lakhala ngodlame nesihluku kuGumede lamchaza njengombulali ongenanembeza ongakhathalele ukuthi izenzo zakhe zibathinta kanjani abanye abantu. IJaji lithe isigwebo kufanele sithumele umyalezo nakwabanye abangase bacabange ukugila le mikhuba.
Ngaphambi kokugwetshwa uGumede ngomlomo wommeli wakhe u-Advocate Sicelo Zungu, ubalule ukuthi unezingane eziyisithupha azondlayo futhi ungusomatekisi. UGumede uveze nokuthi ubethola uR20 000 ngenyanga ebhizinisini lamatekisi. Ummeli wakhe unxusele uGumede ukuthi ashaywe ngoswazi oluncane ngoba unesifo esiyimbelesela athole ukuthi unaso ngo-2017 futhi udla imishanguzo yaso.
Leli cala beliphethwe abashushisi ababili u-Advocate Elvis Gcweka no-Advocate Lawrence Gcaba. UGcweka uthe izizathu ezibekwa wuGumede azinaso isisindo ebesingenza inkantolo igudluke ezigwebeni ezibekelwe amacala. Uthe ubufakazi obethulwe enkantolo buveza uGumede njengenkabi ebithola imali ngokubulala abantu.
UGumede ngesikhathi egwetshwa ubemi phuhle ebonakala ezikhululekele edlalisa iminwe esandleni sokunxele ebelethe izandla ngemuva. Ngesikhathi uGumede eseshona phansi emgodini ubekhuluma namalungu omndeni wakhe eyaleza okuthile okungezwakalanga. Ezokuphepha beziqinisiwe enkantolo ngisho abashushisi begadwe amadoda ahlomile namaphoyisa ephumile.