KWEHLISE umthwalo emndenini kasomatekisi waseXobho owabulawa, ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseThekwini igweba abayisikhombisa abebesebenza enkampanini yonogada, udilikajele neminyaka ewu-30 ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukushaya nokucekelwa phansi kwempahla.
ULangelihle Bailey (37), uPhumlani Siyaya (37), uBonisile Lili (28), Bhekisisa Mhlongo (41), Sehliselo Dladla (40), uMandla Masango (57) noNjabulo Cele (46) ababengonogada enkampanini eyayigada erenke yaseXobho iVimbeni Security bagwetshwe ngamacala okubulala uMnuz Christopher Madondo okuthiwa wayewusomatekisi othenjwayo ngaphansi kukasoseshini waseXobho.
Laba kuvele ukuthi badinwa ukunqanyulwa kwenkontileka yale nkampani yokugada umsebenzi erenke okuthiwa yayiqashelwe wona emva kokuthi kwakudlange udlame embonini ngo-2015.
Kuthiwa usomatekisi ngamunye wayekhokha u-R2 000 ngetekisi ekhokhela ukugadwa kwamatekisi akhe yile nkampani eyayibhekelele uzinzo, okwathi ngo-2018 sekudambe udlame, uMadondo wabeka umbono wokuthi inqanyulwe inkontileka phakathi kukasoseshini nale nkampani ngoba isimo sabe sesezinzile, udlame lungasekho.
Abasebenzi bayo bathukuthela bagana unwabu, banikela erenke bashaya ngesihluku abashayeli, bacekela phansi impahla, bazama ukudubula nabanye abebekhona namaphoyisa ayezama ukudambisa isimo, okuyilapho kwashona khona uMadondo.
Bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka ewu-24 umuntu ngamunye kwamathathu okuzama ukubulala, emithathu kwawokucekelwa phansi kwempahla nonyaka owodwa kwelokuphazamisa ukusebenza komthetho. Izigwebo bazozidonsa kanye kanye.
Umfelokazi kaMadondo uNkk Nombuso Madondo, uthe nakuba besijabulela isigwebo, kodwa kusabaphethe kabi ukuthi ababethume laba abakaboshwa.
“Sidlule kokuningi siwumndeni njengoba ubaba bekunguyena owondlayo futhi enobuhlakani nangaphakathi kukasoseshini enikeza izeluleko ezibalulekile kangangoba kuyimanje uma kunezingqinamba embonini, bayasho ukuthi ukube kusekhona yena ngabe uqhamuka nesixazululo,” kusho uNkk Madondo.
Ukhale ngokukhishwa phambili kwabanye abathathu abebeboshiwe ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani njengoba bebewu-10 sebebonke abebeboshiwe.
Lethula isigwebo ijaji, liveze ukuthi okuvezwe wummeli wababoshiwe ezama ukubashwelezela akukwenzi ligudluke esigwebeni esibekiwe.
“Ukuhlaselwa kwamaphoyisa esemsebenzini yikhona okwenza leli cala libe bucayi kakhulu. Izigameko zokudutshulwa kwamaphoyisa ziyanda kuleli, uma zingagwenywa abantu bakuleli ngeke bavikeleke,” usho kanje.
Ummeli wabo ufake isicelo sokubuyekezwa kwesigwebo nokulahlwa icala kwabamangalelwa, okuvunyelwene ngokuthi sizolalelwa ngoFebhuwari 9, wonyaka ozayo.